I-Arrows neCity bazoqala ekhaya kweyandulela owamanqamu kwiMTN8

I-Arrows neCity bazoqala ekhaya kweyandulela owamanqamu kwiMTN8
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IGolden Arrows iqansiseliwe indlela yayo ebheke kowamanqamu kwiMTN8 iqhathwa neMamelodi Sundowns esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

Lesi sigaba sidlalwa imilenze emibili kanti i-Arrows izoqala ekhaya seyibhekene neSundowns ephunyuke ngembobo yenaliti kwiKaizer Chiefs ngeSonto emini.

I-Arrows yona ihlule iSuperSport United sekukhahlelwa amaphenathi ukuze ingene esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

ISundowns nayo iwine sekukhahlelwa amaphenathi yize kusake kunezikhalo ngokuthi unozinti wayo, uKennedy Mweene ubephula imithethi evimba amaphenathi amane.

Kowesibili owandulela owamanqamu, iCape Town City izoqala ekhaya seyibhekene neSwallows FC. Izinsuku zale midlao zisazomenyezelwa yiPSL.

ISwallows idlule ngo 2-1 kwi-Orlando Pirates ngoMgqibelo emdlalweni obuhle ngokushisa njengoba bezihubhana udede.

ICity yona ifike kulesi sigaba ngokukhipha AmaZulu FC ewashaye ngo 2-1 ngeSonto kusihlwa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.