UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter
Isizini entsha yePremier Soccer League (PSL) izovulwa ngemidlalo yama-quarterfinal yeMTN 8 ngempelasonto ka-Agasti 14 kuya ku-15.
Izinkundla okuzodlalelwa kuzona nezikhathi, kuqinisekiswe yiPSL ngoLwesithathu. Yonke imidlalo izodlalwa ngempelasonto ka-Agasti 14/15.
Kuzovula iLamontville Golden Arrows ezokwamukela iSuperSport United ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
I-Arrows iqede endaweni yesine kwilogi ngesizini edlule, kanti Amatsatsantsa a Pitori aqede kweyesihlanu. Lokhu kuchaza ukuthi awukho umehluko omkhulu phakathi kwala maqembu, ngakho umdlalo uzoshuba.
Umdlalo wesibili ngoMgqibelo uzoqala ngo-3 ngoMgqibelo ntambana, e-Orlando Stadium, lapho kuzobe kutholene phezulu izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neSwallows FC.
Akungabazeki ukuthi lo mdlalo uzoshuba ngoba owomkhaya futhi iqembu elizoshaywa lapha lizowasha ijezi. IBucs iyona evikela indebe yeMTN 8 eyithathe ngesizini edlule.
NgeSonto kulindeleke ukuthi kusiphuke izidindi uma iMamelodi Sundowns seyitholana phezulu neKaizer Chiefs, eLucas Moripe Stadium, ngo-3 ntambama.
Lo mdlalo ungowamagqubu ngoba la maqembu egcina ukuhlangana koweligi, ngesizini edlule, kuwine Amakhosi ngo 2-1.
Lokhu kwabuyisa injabulo kubalandeli beChiefs ebeyishaya udaka kakhulu ngesizini edlule. Empeleni iChiefs yilona lodwa iqembu elikwaze ukushaya amaBrazilians kweyeligi ngesizini edlule.
FUNDA NALA: Ungqongoshe uwanqumele ugwayi katiki ngendebe amaqembu aseKZN
Ntambama ngeSonto ngo-6, AmaZulu azokwamukela iCape Town City, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Usuthu luqede lushayela phezulu ngesizini edlule njengoba luvale luyibambe endaweni yesibili.
EzikaBenni McCarthy zizodlala kwiCAF Champions League okokuqala ngonyaka ozayo. Ngemuva komdlalo woSuthu neCitizens kulindeleke ukuthi kuqhathwe amaqembu azobhekana kweyandulela owamanqamu weMTN 8.