I-Arrows yenze okwehlule iBucs ikholelwa kwabaseMzansi

UVusumuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza
Sihle Ndlovu

UVusumuzi “Kanu” Vilakazi noMabhuti Khenyeza bazoqhubeka nokuqeqesha iLamontville Golden Arrows ngokubambisana ngesizini ezoqala.

Lokhu kuqinisekiswe yilona leli qembu laseThekwini ngoLwesibili ekuseni. UVilakazi noKhenyeza bathathe izintambo kuBafana Bes’thende ngasekupheleni kwesizini edlule, kulandela ukuhamba kukaLehlohonolo Seema.

“Siyajabula ukumemezela ukuthi  abaqeqeshi bethu, uVusumuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza, bazoqhubeka nokuhola iqembu ngokubambisana njengoba kuzoqala isizini entsha,” kusho isitatimende se-Arrows kafushane.

UVilakazi noKhenyeza bathathe izinto zingahambi kahle kodwa bazama ukuthi iqembu liqede kahle. Kwale kancane ukuthi Abafana Bes’thende bangene kwiTop 8 kodwa bagcina bephelele endaweni yesishiyagalolunye.

Amaqembu amaningi aseNingizimu Afrika akholelwa kubaqeqeshi baseMzansi manje, futhi ayabanika ithuba. IKaizer Chiefs isanda kunika u-Arthu “10111” Zwane ithuba lokuqeqesha leli qembu laseNaturena, kanti uzosizana noDillion Sheppard.

Nokho kuphoxile ukubona i-Orlando Pirates iphuma eceleni yona ilanda umqeqeshi waphesheya. Bekulindeleke ukuthi iBucs ikhethe kubaqeqeshi abakhona baseMzansi abafana noBenni McCarthy, Gavin Hunt noDaniel Maselela. Kunalokho eZimnyama zivele zalanda uJose Riveiro, waseSpain, ongazelwa lutho.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.