I-ASA seyivele yayiqeda iCape Town Marathon

I-ASA seyivele yayiqeda iCape Town Marathon
UJames Moloi
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Inhlangano eyengamele ezokusubatha kuleli, i-Athletics South Africa (ASA) isithathe isinqumo sokuqeda ngeCape Town Marathon.

Umengameli wale nhlangano uJames Moloi utshele impempe ukuthi abahleli balo mjaho basebenzise igama okungelona elawo

Kulo nyaka lo mjaho bawubize ngeSA Marathon esikhundleni sokuthi yiCape Town Marathon ngoba befuna ukufeza izinto zabo baphinde bangayihlonipha imigomo ye-ASA.

“Okunye okusicasule kakhulu ukuthi abaxhasi bangena ngomnyango wangemuva ukuthi bakhangise ngokungekho emthwethweni.

“Basebenzise abasubathi ukuthi bafake izimpahla zokusubatha ezinegama labo ngaphandle kwemvume yethu,” kusho uMoloi.

Okunye abakubonile izikhangiso zamaqembu ezepolitiki lapho uthola ukuthi kunamatafula alezi zinhlangano wathi uMoloi bayakuchitha lokho bona.

FUNDA NALA: UMashele ufuna ukuvikela isicoco sakhe kwiRun Your City

“Ngeke bakuvumele ukuthi lezi zinhlangano zepolitiki zingene kule nhlangano yezokusubatha ngoba zizodunga abasubathi kanjalo ne-ASA.”

Khonamanjalo, ngokwesinqumo abasithathile ukuthi baphuce iWestern Cape iSA Marathon bawunike -KwaZulu Natal ngoba iyayihlonipha imigomo yenhlangano yezokusubatha.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.