I-Australia ayisezi eNingizimu Afrika ngenxa yeCoronavirus

UJustin Langer oqeqesha i-Australia ngeke besalubhada eNingizimu Afrika neqembu lakhe

SIHLE NDLOVU

Ukungadambi kweCoronavirus sekuphinde kwaphazamisa ikhilikithi njengoba i-Australia isihoxile ohambeni lwayo obeluza eNingizimu Afrika.

I-Australia iveze ngoLwesibili ukuthi ngeke isalubhada eMzansi njengoba iCorona isadla lubi. Leli qembu eliqeqeshwa nguJustin Langer belizodlala imidlalo yamaTest emithathu namaProteas.

Bekubukeka sengathi akukho okuzovimba i-Australia ukuza kuleli, njengoba imemezele isikwati sayo ngesonto elidlule ngenhleso yokuthi itheleke eMzansi. Nokho ukuqubuka kabusha kweCoronavirus eNingizimu Afrika kwenze i-Australia yashintsha umqondo ngokwesabela ukuphepha kwabadlali.

UNick Hockley, obambe njengesikhulu esiphezulu kwiCricket Australia, uthe belulekwe ukuthi bangayi eNingizimu Afrika.

“Sekucacile ukuthi ukusuka e-Australia uye eNingizimu Afrika njengamanje kunobungozi obukhulu kubadlali, abasebenza eqenjini nasemphakathini,” kusho uHockley esitatimendeni.

“Lesi sinqumo asithathwanga kalula futhi siphoxeke kakhulu, ikakhulukazi njengoba kusemqoka ukuqhubeka nokudlala ikhilikithi yomhlaba kulesi sikhathi. Nokho besilokhu senza ngendlela efanayo selokhu kuqale lo mbhedukwazwe, ukuthi impilo nokuphepha kwabantu bethu kuhlale kuhamba phambili. Sizamile ukuthi kube khona esivumelana ngakho mayelana nezokuphepha kodwa kunobungozi okukhulu kulesi sikhathi.”

UMengameli waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa, ngoMsombuluko uthe izwe selidlulile esikhathini ebesisibi kakhulu seCoronavirus ngemuva kokubuya kwayo isibili kuleli kodwa leli gciwane liseyinkinga enkulu.

Imidlalo phakathi kweNingizimu Afrika ne-Australia ibizoqala ngoMashi. Njengamanje amaProteas avakashe ePakistan lapho edlala khona imidlalo emibili yamaTest. Kweyokuqala ashayiwe kanti eyesibili izoqala ngoLwesine ekuseni. Ngemuva kwalokho la mazwe azodlala imidlalo emithathu yeT20.

Leave a Reply

Your email address will not be published.