I-Australia ibadide bagcina benza amaphutha abaMabhokobhoko

I-Australia iphinde wavulela ulabhabha kuMabhokobhoko
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kuphinde kwagqama inqwaba yamaphutha ngesikhathi iNingizimu Afrika ithelwa othulini yi-Australia emdlalweni weCastle Lager Rugby Championship ngoMgqibelo ekuseni.

AmaBhokobhoko ashaywe ngo 30-17 yiWallabies eSuncorp Stadium eBrisbane nokuyinto ebangwe amaphutha awo ayinqwaba.

Iphutha lokuqala lenziwe uFaf de Klerk ethola ukhadi eliphuzi kungenasidingo ngomzuzu ka-13.

Leli phutha yilona kanye eliholele ekutheni uLen Ikitau ashaye itry yakhe yokuqala ngqa emidlalweni yamaTest ngomzuzu ka-14.

UHandre’ Pollard ubuye ngephenathi ngomzuzu ka-18 ukubuyisela iNingizimu Afrika emdlalweni.

Aqhubekile nokho amaphutha kumaBhokobhoko nokuholele ekutheni abuye u-Ikitau ngomzuzu ka-21 washaya itry yakhe yesibili.

INingizimu Afrika ibilokhu iphendula ngamaphenathi kaPollard, zaya ekhefini i-Australia ihamba phambili ngo 15-12.

Abafana baseMzansi basiqale kahle isiwombe sesibili njengoba uLukhanyo Am eshaye itry ngomzuzu ka-42.

Lokhu kwenze ukuthi amaBhokobhoko ahambe phambili ngo 17-15 okokuqala kulo mdlalo.

Ngesikhathi sekubukeka sengathi bayibambe kahle abafana bakuleli, kuphinde kwasuka lokho benza amaphutha elandelana.

Bebedala amaphenathi, behlulwa ama-lineout bengebahle nakwi-scrum. Amaphutha abo agcine eholele ekutheni uMarika Koroibette ashaye itry ye-Australia kalula ngomzuzu ka-62.

Uphinde wabuya futhi uKoroibette ngomzuzu ka-68 washaya enye itry kwacaca ukuthi sekuhwalele kumaBhokobhoko.

Nangasekupheleni komdlalo iqembu lakuleli belisaqhubeka nokwenza amaphutha. Liqede umdlalo lingasaphelele ngemuva kokuthi uJasper Wiese ethole ikhadi eliphuzi.

FUNDA NALA: OweChippa uthi banalo icebo lokukiribha iPirates koweligi

Ukushaywa kweNingizimu Afrika kuyifaka enkulu ingcindezi njengoba izama ukuvikela indebe yeRugby Championship.

Lokhu kusho ukuthi kuzomele iyiwine yomibili imidlalo esele ezoyidlala neNew Zealand.

INingizimu Afrika izobhekana ne-All Blacks ngoSepthemba 25 eQueensland Country Bank Stadium.

Izobe isidlala umdlalo wokugcina nayo iNew Zealand eCbus Super Stadium, ngo-Okthoba 2.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.