I-Austria iphume emafutheni yangena emlilweni kwi-Euro

I-Austria iphume emafutheni yangena emlilweni kwi-Euro
UChristoph Baumgartner we-Austria
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Cishe ababaningi abebebheke ukuthi i-Austria ingakwazi ukwenza kahle ngendlela esenze ngayo kwi-Euro 2020. Limangazile ke leli qembu kule midlalo eqhubekayo emazweni ehlukene e-Europe.

I-Austria ihlule i-Ukraine ngo 1-0 eBucharest ukuze iqede endaweni yesibili kuGroup C, yazibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi.

Nokho kuzothanda ukuqansa kakhudlwana kuyo. Lokhu okwenzeke kwi-Austria kufana nokugxuma uphume emafutheni ashisayo, uvele uwele emlilweni njengoba seyizobhekana ne-Italy eLondon ngoMngqibelo emdlalweni wayo olandelayo.

I-Italy ayigayelwa mphako ke kulezi zinsuku, futhi ayisayazi induku. Leli qembu likaRoberto Mancini selibhekwe ekudleni lesi sicoco.

IRoyal AM ithi ayilibeki enkundleni, iya enkantolo: https://bit.ly/3wMqU2J

Igoli elingene ngesiwombe sokuqala likaChristoph Baumgartner yilona eliqinisekise ukuthi i-Austria idlulela kesigabeni somkhumulajezi kuma-Euros okukuqala ngqa.

Bekukade kungamagoli kuphela abehlukanisa i-Ukraine ne-Austria ngaphambi kwemidlalo yangoMsombuluko. Kodwa i-Austria bekufanele inqobe kwi-Ukraine ukuze iqede isemaqenjini amabili aphezulu.

Lokhu bekungoba iNetherlands ebizihola phambili ibisivele ingeke isagudluzeka eqhulwini. Nokho i-Ukraine isangakwazi ukujoyina iNetherlands ne-Austria esigabeni somkhumulajezi.

Ezika-Andriy Shevchenko zithandazela ukuba yingxenye yamaqembu amane alale endaweni yesithathu enze kahle. Ikusasa labo alisekho ezandleni zabo, kumanje bangemuva ngamaphuzu amane kwiSwitzerland eqede endaweni yesithathu kuGroup A.

INorth Macedonia neTurkey bona sebevele bawabhkhile amathikithi ebhasi elibheke ekhaya ngoba isikhathi sabo kulo mqhudelwano sesiphelile.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.