I-CAF isinqume ukuwuhlehlisa oweWydad neChiefs

USamir Nurkovic neqembu lakhe iKaizer Chiefs ngeke besaya eMorocco ukuyodlala oweChampions League

SIHLE NDLOVU

IConfederation of African Football (CAF) seyinqume ukuwuhlehlisa umdlalo obekufanele ube phakathi kweWydad Athletic Club, yaseMorocco, neKaizer Chiefs.

IChiefs bekumele ilibangise eMorocco ngoLwesithathu iyodlala umdlalo weCAF Champions League neWydad ngoMgqibelo. Nokho ikhiphe isitatimende lapho ibicacisa khona ukuthi ngeke ikwazi ukuhamba ngoLwesithathu ngenxa yokuthi ibingenawo ama-visa.

Esitatimendeni iChiefs iveze ukuthi ingakwazi ukugibela indiza eqonda eMorocco uma kulunga konke ngama-visa ngoLwesine. Kuthe kusanambithwa lokho iRoyal Moroccan Football Federation (RMFF) yaveza ukuthi iChiefs ayivunyelwe ukulubhada eMorocco. Azivelanga izizathu zokuthi kungani Amakhosi engafuneki eMorocco yize ebesezilungiselele ukuthatha lolu hambo.

Kube nokuqagela nje ukuthi mhlawumbe uhulumeni waseMorocco usabela isimo seCoronavirus, ikakhulukazi njengoba isibheduke kabusha eNingizimu Afrika.

Nokho ngoLwesine iSouth African Football Association (Safa) ikhiphe isitatimende lapho iveze khona ukuthi iCAF seyinqume ukuwuhlehlisa umdlalo.

“IConfederation of African Football (CAF) isikuqinisekisile ukuthi umdlalo weCAF Champions League phakathi kweWydad Athletic Club, yaseCasablanca eMorocco, neKaizer Chiefs, ngeke usadlalwa ngoMgqibelo (Febhuwari 13) njengoba bekuhleliwe,” kusho isitatimende.

“Ngokwesitatimende esithunyelelwe izolo ebusuku, ngokusebenzisa imenenja yayo yezophiko lokuncintisana, u-Ahmed Salem, iCAF izosikhipha isinqumo maduze nje mayelana nalo mdlalo.”

Akwaziwa ukuthi iCAF izothatha siphi isinqumo mayelana nesiphithiphithi esisuke ngalo mdlalo. Kuvele kukhona abakholwa ukuthi iWydad kumele iphucwe amaphuzu (anikwe iChiefs) ngokuhluleka kwayo ukuxhumana ngokuphelele neChiefs ukuze ithole ama-visa okuya eMorocco.

Okunye okungacaci ukuthi siphume kanjani isinqumo sokuthi iChiefs ingalubhadi eMorocco. Nokho konke kuzocaciswa yiCAF uma isikhipha isinqumo.

sihle@impempe.com

Twitter: @NtwanaSihle

Leave a Reply

Your email address will not be published.