I-El Merreikh igoloze kwacishe kwayilungela ibambana neSundowns

I-El Merreikh igoloze kwacishe kwayilungela ibambana neSundowns
UBrian Onyango
OkaDonga Gumbi

Uma bewungabuka isiwombe sokuqala somdlalo wesibili weMamelodi Sundowns esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ubungazitshela ukuthi izoziwinela kalula.

Lokhu kwenziwa wukuthi iSundowns isheshe yangena egiyeni kulo mdlalo njengoba beyicindezela, ibuyela iphindelela ebhokisini le-El Merreikh.

Bekufanele kuphele imizuzu yokuqala eyishumi seliwatholile amagoli amabili ngokwamathuba ebiwakha kodwa kwasho khona ukuthi ayibukhali kahle phambili.

Likhona nokho ibhola elike lakhalakathela enethini kodwa kwasho ukuthi u-Erwin Saavedra uliphase kade esesendaweni engamfanele, alangabalwa lelo goli.

NGokuhamba komdlalo ne-EL Merreikh iqalile ukuzama ukuhlanganisa iminyakazo futhi yakhombisa ukuba yingozi uma iya phambili.

Buka nje ngoba ngomzuzu ka-26 kusize uBrian Onyango okhiphe ibhola seliyokweqa ulayini selimhlule lamqeda uDenis Onyango.

Kuthe ngomzuzu ka-36 iSundowns yaphoqeleka ukwenza ushintsho kulandela ukulimala kabuhlungu kukaSaavedra oshayisane noMohammed Mustafa. Kube sekungena uThabiso Kutumela endaweni yakhe.

UTony Edjomariegwe yena ube nebhadi ukuthi ibhola lakhe liceze kancane eceleni kwepali kade ededele ishodi engaphandle kwebhokisi. Bese limshiyile u-Onyango kodwa laphuma eceleni.

Esiwombeni sesibili iRed Devils ibuye seyidlala kangcono ingasayivumeli iSundowns izenzele ngendlela ethanda ngayo njengasesiwombeni sokuqala.

FUNDA NALA: UKwem usesophe ukukwenza nakwiSwallows akwenza kwiChiefs

U-Edjomariegwe ubesezitshele ukuthi usewenzile umsebenzi ngomzuzu ka-59 eshaya igoli engaphakathi ebhokisini leSundowns kodwa kwathiwa ulishaye esesendaweni engamfanele. 

Ngemuva kwalokho iqhubekile nokucindezela i-EL Merreick isikhombisa ukuthi yize bedlalela enkundleni yaseCairo kodwa yiyo esekhaya.

Nedlanzana lanbalandeli bayo bese bebanga umsindo bezama ukuyifaka umoya ukuze igcine ilitholile igoli kodw akwaba nhlanga zimuka nomoya.

Iphuzu elitholile kulo mdlalo iSundowns likhulu ngoba liqinisekisa ukuthi isahlezi phezulu eqoqweni layo ngamaphuzu amane.

I-Al Ahly, El Merreikh ne-Al Hilal banephuzu iqembu ngalinye. Nokho i-Al Ahly ne-El Merreikh basenomdlalo abawugodlile.

Umdlalo olandelayo weSundowns ungoLwesihlanu la izobhekana khona nezikaPitso Mosimane owayengumqeqehsi wayo phambilini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.