I-England isisondele ekuvaleni ihlazo lokugqoza kwezindebe

I-England isisondele ekuvaleni ihlazo lokugqoza kwezindebe
UHarry Kane nozakwabo bejabulela igoli lakhe
UMBIKO: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

I-England ithathe elinye igxathu eliyisondeza ekuvaleni ihlazo leminyakanyaka lokungawini izindebe yize ineligi ephambili emhlabeni. Lokhu ikwenze ngesikhathi isusa iDenmark endleleni yayo kwi-Euro 2020, iyishaya ngo 2-1 eWembley Arena ngoLwesithathu ebusuku,

Ukuwina kwayo kuyibekisele indawo emdlalweni wamanqamu la izobhekana khona ne-Italy kuyo le nkundla ngeSonto ebusuku. Makhulu amathemba okuthi igcine ibe ngompetha ikakhulukazi njengoba izobe isekhaya kowamanqamu.

Kuhlaluke zisuka nje kulo mdlalo ukuthi azisabani lezi zinkunzi. I-England iyona ebicindezela ngasekuqaleni komdlalo futhi icishe yalithola igoli ngomzuzu ka-12, kodwa ibhola likaRakeem Sterling laphelela ezandleni zikaKasper Scheimchel.

NoHarry Kane uze wazama edonsa ishodi ekude emizuzwini embalwa ukusuka lapho, kodwa ibhola lakhe laphuma phezu kwepali. IDenmark ibe seyiqala nayo ibuya kulo mdlalo, ikhombisa ukuba yingozi.

Ngomzuzu ka-30 ithole i-free kick ngaphandle kancane kwebhokisi le-England, yathathwa nguMikkel Damsgaard wayinompelisa ngobuchule ngemiva kwezitobha, ibhola lagaxela enethini. Akuyithathanga isikhathi eside i-England ukuthi ibuye.

Umnyakazo osheshayo wokuhlasela we-England ngomzuzu ka-39 uphethe ngegoli elibe wumkhonto ogwaza ekhayaa kaSimon Kjaer. Ibhola lisuke kuKane, walibeka phambi kukaSaka oligobe kamnandi lahlangana noKjaer obethi uvimba uSterling, lazishayisa kuye ladla inethi.

FUNDA NALA: UHunt uvumbuke kwiChippa United kungakapheli sikhathi esitheni exoshwe kwiChiefs

IDenmark ibuye seyikhombisa ukuthi isibonile ukuthi ingadlula kwi-England esiwombeni sesibili futhi ibingasahlali emuva njengakwesokuqala. Beyisibuya iphindelela emapaalini kaJordan Pickford. Nokho beyihluleka wukwenza umonakalo.

UHarry Maguire ucishe waba yiqhawe leThree Lions ngomzuzu ka-54 engqofa ibhola kade kuyi-free kick> Kodwa wenqaba umnika leso sicoco uScheimchel elichithela eceleni ibhola lakhe.

Ngomzuzu ka-61, uMason Mount udlale ngethuba ecucuza esephakathi ebhokisini leDenmark waze wagcina ephuciwe ibhola. Ukube ubesheshe wakhahlela mhlawumbe kukhona abezokuthola.

I-England izame konke ukuthola igoli lokuwina kodwa beyifica uSchmeichel engafune lutho oludlula eduze kwakhe luye enethini yakhe. Umdlalo uphele zisabambene kwayiwa esikhathini esengeziwe.

I-England ithole iphenathi kusele imizuzu emibili kuyiwe ekhefini esikhathini esengeziwe. UKane uyishayile, uSchmeichel wayivimba. Kodwa ibhola labuyela kuKane wabe eselinamathisela enethini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.