I-India imise amaProteas ekuwineni uchungechunge lweT20

Sihle Ndlovu

INingizimu Afrika iyeke ithuba lokuqeda nge-India ochungechungeni lwemidlalo emihlanu yeT20 ishaywa ngama-run angu-48 okokuqala eDr Y.S. Rajasekhara Reddy ACA-VDCA Cricket Stadium, ngoLwesibili.

AmaProteas abeye kulo mdlalo ehamba phambili ngo 2-0 kule midlalo emihlanu yeT20. Ukuwina ngoLwesibili bekungasho ukuhamba nalo uchungechunge lwemidlalo emibili kusasele imidlalo emibili.

Kube uChahal owenzele phansi iNingizimu Afrika ethatha amawikhethi amathathu esangenelwe ama-run angu-20 kuphela. AmaProteas iwona awine ithosi akhetha ukushwiba kuqala.

UHarshal Patel naye wenze kahle kakhulu ethatha amawikhethi amane wangenelwa ama-run angu-25.

Isinqumo sokushwiba kuqala asihambanga kahle neze njengoba i-India ibilishaya ngokukhululeke kuma-over ayisithupha okuqala. Iqembu lasekhaya ligcine lenze ama-run angu-179 kuma-over angu-20.

Iphendula iNingizimu Afrika izinto  azihambanga kahle zisuka njengoba ibilokhu ilahle amawikhethi. Akekho umdlali obhethe kahle waze wenze ama-run angu-50 nokuyinto eyenze ukuthi amaProteas alokhu esalela emuva kwi-innings yesibili.

Umdlalo wesine weT20 ungoLwesine kanti iNingizimu Afrika isenethuba lokudeqa nge-India uma iwuwina. Uma kuwina i-India kuzosho ukuthi umdlalo wokugcina kuzoshunqa uthuli kuwona njengoba ozowina ezokhala emuke nendebe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.