I-Italy, Belgium neNetherlands sebewelile kwi-Euro, sekubhekwe i-England

Italy, Belgium neNetherlands sebewelile kwi-Euro, sekubhekwe i-England
UMemphis Depay weNetherlands nozakwabo

UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter
IBelgium neNetherlands sebejoyine i-Italy emaqenjini asezibekisele indawo emzuliswaneni womkhumulajezi kwi-Euro 2020 ngemuva kokwehlula iDenmark ne-Austria ngokwehlukana ngoLwesine ebusuku.

IBelgium, ekleliswe njengezwe elihamba phambili emhlabeni ebholeni njemanje, ibuye isilandela ngemuva ngegoli elilodwa ihlula iDenmark eqale umdlalo ngegiya eliphezulu ishaya igoli ngesiwombe sokuqala.

EzikaRoberto Martinez zidinga iphuzu elilodwa manje ukuze ziqede ziphezulu kuGroup B. INetherlands yona ngeke isasuswa muntu eqhulwini kuGroup C ngemuva kokushaya i-Austria.

Ne-Ukraine iwathathe wonke amaphuzu kwiNorth Macedonia, lokho kuchaza ukuthi manje sebenqobe imidlalo emibili kwi-Euro okukuqala ngqa emlandweni waleli qembu.

Mithathu imidlalo ye-Euro 2020 ngoLwesihlanu, iSweden izodlala neSlovakia ngo 3 ntambama. ICroatia izobhekana neCzech Republic ngo 6 ntambama.

Emdlalweni obhekwe ngabomvu ozoba seWembley Stadium, i-England izovakashelwa omakhelwane bayo iScotland. Umdlalo uzoqala ngo 9 ebusuku.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.