I-Orlando Pirates icuthele umgadli oyodlala eNdebeni yoMhlaba 

I-Orlando Pirates icuthele umgadli oyodlala eNdebeni yoMhlaba 
UMarou Souaibou ozodlala kwi-Orlando Pirates

 

Izobuyaekhefini leNdebe yoMhlaba seyihlome ngomgadli omusha oyodlala kulo mqhudelwano i-Orlando Pirates. 

Ngokombiko oshicilelwe yi-website yaseCameroon i-kickoff442.com, iPirates seyivumelene neqembu laseCameroon ukuthi isayine uMarou Souaibou.

Lo mgadli oneminyaka engu-21 ungenile eqenjini likaRigobert Song eliyodlala eNdebeni yoMhlaba eqala ngoNovemba 20 eQatar. 

USouaibou njengamanje udlala kwiCoton Sport Garoua yakhona eCameroon kanti ushaye amagolu angu-11 esiza leli qembu liwine iligi. 

Ushaye namanye amathathu endebeni ebizwa ngeLeague Cup. Useshaye namane kwiCaf Champions League. 

Uwine nendondo yokuba ngumdlali ovelele kuleliya lizwe. Ngokwalombiko. iPirates izokhokha imali engaphezu kancane kuka-R3.5 million ngalo mgadli. 

Izomsayina uma sekuvulwe iwindi ngoJanuwari. Isayina lo mgadli nje i-Orlandp Pirates ivele ihlome kahle phambili. 

Ivele iphethe oZakhele Lepasa, Kermit Erasmus, Eva Nga, Evidence Makgopa noKwame Peprah. 

FUNDA NALA: ISundowns ibhulise Usuthu amazolo kwiCarling Cup

Nokho njengoba Impempe ike yabika phambilini, uPeprah akasahlalisekile futhi useke wacela ukuthi akhululwe uma kuvela iqembu elimfunayo. 

UNga yena uzonqanyulelwa inkontileka njengoba ebonakala engangeni esitayeleni sePirates.

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *