I-Orlando Pirates ivale isikhala sikaMhango ngoweBafana

I-Orlando Pirates ivale isikhala sikaMhango ngoweBafana
Sbongs Gumbi

Ukuhamba kukaGabadinho Mhangi kwi-Orlando Pirates akubaphathanga kahle abalandeli baleli qembu kodwa bazothobeka izinhliziyo ngomgadli omusha osayiniwe.

Lokhu kungenxa yokuthi sekuvele izindaba zokuthi iPirates seyisayine umgadli weBafana Bafana obegijima kwiBaroka FC u-Evidence Makgopa.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguKhurishi Mphahlele ongusihlalo weBaroka ethi umfisela konke okuhle lo mfana njengoba eseya kuleli qembu lase-Orlando.

“Sesiqalile ukulungiselela isizini futhi bonke abadlali sebebuyile ngaphandle kukaMakgopa,” kusho uMphahlele kwabeKickOff.

IBaroka izobe igijima kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo kulandela ukudliwa kwayo yizembe ngedlule.

Ebuzwa ukuthi kungani uMakgopa yena engabuyanga kanye nabanye abadlali, uMphahlele ube eseveza ukuthi yingoba sebemdayisele iPirates.

FUNDA NALA: UKerr uvele wayozijuxuza eSoweto ngemuva kokuvikisa iSwallows izembe

“Uya kwiPirates . Ngimkhululile ngenhliziyo emhlophe futhi uhamba nje ngimbusisile kulokho ngoba usisebenzelile nathi.

“Sengifisa ukuthi aphumelele kwiPirates. Abe nempumelelo efana nale kaGoodman Mosele,” kucacisa lesi sikhulu.

Uzofikisana noNkosinathi SIbisi noTapelo Xoki nabo abasayine njengoba kusavalwe isizini nje kwiPirates.

Kusalindeleke abanye abadlali abazosayinwa yileli qembu nokuthi licacise ngendaba yomqeqeshi njengoba uMandla Ncikazi ubesabambile benoFadlu Davids.

UDavids yena useshiyile kuleli qembu njengoba inkontileka yakhe ingeke ivuselelwe uma iphela kule nyanga.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.