I-PSL ikhiphe izinsuku nezinkundla zeNedbank Cup

Sihle Ndlovu

I-Premier Soccer League (PSL) seyizikhiphile izinsuku nizenkundla okuzodlalelwa kuzona imidlalo eyandulela owamanqamu weNedbank Cup ka-2022.

Yomibili le midlalo eyandulela owamanqamu izodlalwa ngempelasonto ka-Ephreli 29 no-30.

Amathikithi azotholakala eTicketpro ezweni lonke kusukela ngoLwesine (Ephreli 21) ngo-12 emini. Abiza u-R40 awabantu abadala, bese abe wu-R15 awezingane ezingaphansi kuka-12.

Umdlalo obhekwe ngabomvu wabakhaya baseLimpopo, phakathi kweTshakhuma FC neMarumo Gallants, iwona ozodlala kuqala ngoLwesihlanu luka-Ephreli 29, eThohoyandou Stadium. Uzoqala ngo-7 ebusuku.

NgoMgqibelo ezikaJohn Maduka, iRoyal AM, zizokwamukela iMamelodi Sundowns, esidle le ndebe kathathu, eChatsworth Stadium, eThekwini. Nawo lo mdlalo uzoqala ngo-7 ebusuku.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.