I-PSL ikhombisa ukuhleleka ngezinto zesizini ka-2022/2023

Sihle Ndlovu

I-Premier Soc cer League (PSL) ibukeka ihlelekile kulokhu njengoba isizikhiphile izinsuku ezibalulekile ezithinta isizini ezayo yeDStv Premiership.

Ngokujwayelekile iPSL ayivamisile ukusho izinto kusenesikhathi kodwa ilinda kuze be sekugcineni. Nokho kulokhu izikhiphe zonke izinsuku kwaze kwayofika ekugcineni kwesizini.

Imidlalo yeDStv Premiership ka-2022/2023 izoqala ngempelasonto ka-Agasti 5. Ama-quaterfinal eMTN 8 azolandela ngempelasonto ka-Agasti 12, kuthi iMotsepe Foundation Championship iqale ngoSepthemba 2.

Imidlalo yokugcina ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba izodlalwa ngoNovemba 4, kanti abadlali bazodedelwa ukuthi baye emaqenjini abo esizwe ngoNovemba 14.

I-DStv Premiership izosongwa ngoMeyi 20, kuthi owamanqamu weNedbank Cup udlalwe ngoMeyi 27. Okungakahlaluki ukuthi imidlalo yeCarling Knockout Cup entsha izodlalwa nini. Nokho usihlalo u-Irvin Khoza ukucacisile ukuthi usazobuya nemininingwane egcwele mayelana nalo mqhudelwano ozovala isikhala seTelkom Knockout.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.