I-PSL ithi iyaqhubeka imidlalo yokuhlunga

UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Seyize yagcina iphawulile iPremier Soccer League (PSL) ngokuchithwa kwesicelo seRoyal AM sokufaka inselelo isinqumo senkantolo enkulu yaseGoli sokubeka iSekhukhune njengomoetha beGladAfrica Championship.

Lesi sicelo seRoyal AM sichithwe yinkantolo ephakeme yaseGoli ngoLwesihlanu ntambama. IPSL ithi njengoba sichithiwe lesi sicelo, kusho ukuthi nencwadi yayo yokuvimbela ukuqhubeka kwemidlalo ayisasebenzi ngoba udaba lwayo seluphethiwe enkantolo.

“Izolo ebusuku (18 kuJuni 2021) iJaji uRoland Sutherland ukhiphe isinqumo ngesicelo seRoyal AM sokuphikisa isinqumo saphambilini.

“IRoyal AM beyifake isicelo sokuphikisa isinqumo esakhishwa nguJaji Sutherland ngoJuni 12, 2021, la achitha khona isicelo sokuthi kuguqulwe isinqumo sikamehluleli ozimele u-Epstein SC.

“Kulandela lokhu kuchithwa kwesicelo seRoyal AM, udaba lwayo seluphothuliwe. Sicetshisiwe ukuthi incwadi eyakhishwa nguJaji Nyathi AJ ngoJuni 14 2021, imisa ukuqala kwemidlalo yokuhlunga “kusenodaba lweRoyal AM olusenkantolo” ayisasebenzi.

“Ngakho ke akukho okusivimba ukuqhubeka nemidlalo yokuhlunga,” besifundeka kanje isitatimende sePSL ngoMgqibelo emini. Iqhube yathi umdlalo ophakathi kweChippa United neRichards Bay FC uyaqhubeka ngawo uMgqibelo ngo 3 ntamba eNelson Mandela Bay Stadium.

IRoyal AM beyikade ibhalele iPSL iyixwayisa ukuthi incwadi yayo isasebenza futhi akumele iqhubeke le midlalo, funda udaba lapha: https://bit.ly/2SCPRyP

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.