I-PSL izoqhatha amaqembu ngezinqumo zayo ngeyeCAF

Sihle Ndlovu

I-Orlando Pirates ingase idlale imidlalo yayo esele yeligi seyisongiwe eyeDStv Premiership ka-2021/2022.

IBucs yilona lodwa iqembu elisalelwe imidlalo emithathu yeligi njengoba amanye esesalelwe ukudlala umdlalo owodwa kuphela. Amaqembu asalelwe yimidlalo emibili yiRoyal AM neMaritzburg United okuyiwona okumele abhekane nePirates.

Imidlalo yeDStv Premiership iyasongwa ngoMgqibelo kaMeyi 21. Ngokohlelo lwePremier Soccer League (PSL) wonke amaqembu kumele adlale imidlalo ngesikhathi esisodwa uma sekusongwa isizini.

IPirates kumele idlale umdlalo wokusonga isizini ngokubhekana neSuperSport United, eLucas Moripe Stadium, ngoMeyi 21. Akubukeki kuzokwenzeka lokhu uma kubhekwa isimo seBucs.

EZimnyama zisayibambe kwiCAF Confederation Cup lapho zihamba khona phambili ngo 2-0 kwi-Al Ahli yaseLibya, ngaphambi kokudlala umlenze wesibili e-Orlando Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama. Lokhu kuchaza ukuthi iBucs inethuba elihle kakhulu lokuzibekisela indawo kowamanqamu njengoba izobe idlalela ekhaya.

Okuyinkinga nokho ukuthi owamanqamu weConfederation Cup uzodlalwa ngoLwesihlanu ngoMeyi 20. Kuyayikhipha lokhu ukuthi iPirates ingadlala umdlalo wokugcina weligi njengoba owamanqamu ungoLwesihlanu.

Okumangazayo nokho ngePSL ukuthi kungani ingahlelanga ukuthi iPirates idlale umdlalo wayo neRoyal AM phakathi neledlule, bese ibhekana neMaritzburg phakathi nesonto elizayo?

Bekungangcono ukube inkinga ebhekene neBucs umdlalo owodwa weSuperSport engeke iwudlale ngenxa yowamanqamu weConfederation Cup, hhayi emithathu. Amaqembu asebheke ukuyophumuza abadlali bawo njengoba kusongwa isizini kodwa abeRoyal AM, Maritzburg neSuperSport kuzomele balinde iPirates ize iqede imidlalo yeCAF.

Okuxakayo ngalokhu ukuthi iMamelodi Sundowns ihlale idlala imidlalo yeCAF Champions League kodwa akukaze kube nenkinga enje. Ibidlala phakathi nesonto bese iqhubeke neyeCAF ngempelasonto. AmaZulu FC nawo abenza okufanayo njengoba ebedlala iChampions League.

Lokhu kucacisa ngokusobala ukuthi iPSL ayiwaphathi ngendlela efanayo amaqembu angaphansi kwayo nokuyinto eyingozi kakhulu.

Imizamo yokuthola iPSL ukuthi iphawule ngalokhu ayiphumelelanga njengoba oyikhulumelayo uFhatuwani Mpfuni engaphendulanga noma esethunyelwe imibuzo. Uvele wafunda nje iWhatsapp yakhe wase ezithulela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *