I-PSL nesinqumo esisha ngemidlalo yeChiefs engayidlalanga ngoDisemba

Sihle Ndlovu

IPremier Soccer League (PSL) seyibhalele iKaizer Chiefs iyazisa izinsuku nezikhathi okuzodlalwa ngazo imidlalo emibili angayidlalanga Amakhosi ngoDisemba ngenxa yeCovid-19.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiChiefs kwi-website yayo ngoLwesibili, umdlalo wasekuhambeni ezowudlala neLamontville Golden Arrows, uzodlalelwa eThekwini ngo-Ephreli 27.

Omunye umdlalo iChiefs okumele iwudlale neCape Town City, uzokuba ngo-Ephreli 30 eFNB Stadium.

Iligi yafakela iChiefs icala ngemuva kokungayidlali le midlalo. IChiefs yathatha udaba yalusa kumehluleli ozimele ongaphansi kweSAFA.

UZola Majavu, ongumshushisi wePSL, waqinisekisa ukuthi iligi iyosithatha njengesingujuqu isinqumo sikamehluleli, okuyinto ehambisanayo nemithetho yeNSL, PSL neSafa.

Umehluleli u-Advocate Nazeer Cassim, wanquma ukuthi imidlalo kumele idlalwe, wase eyalela iChiefs ukuthi ikhokhe izindleko zokuhamba zamaqembu okwakumele idlale nawo. IChiefs yakwemukela lokho.

Nokho iligi yabuye yashintsha yathi isinqumo sikamehluelli izosiphikisa bese iyisa udaba enkantolo. Lolu daba luzohlalelwa enkantolo imidlalo ethintekayo seyidlaliwe njengoba luzoba ngoMeyi 10.

Uma kuwina iligi enkantolo kwilogi yeDStv Premiership kuzovezwa sengathi ayidlalwanga imidlalo. Uma kuphumelela iChiefs imidlalo izobe isivezwa nakwilogi yePremiership.

Lesi simo sizothanda ukubadidisa abaningo kodwa kuyacaca ukuthi ngenxa yesikhathi iPSL iphoqelekile ukuthi ithi imidlalo ayidlale.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.