I-PSL noxhaxha lwamacala abhekiswe kuMaMkhize, Andile neRoyal AM

I-PSL noxhaxha lwamacala abhekiswe kuMaMkhize, Andile neRoyal AM
UShauwn Mkhize no-Andile Mpisane nezinye izikhulu zeRoyal AM
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IPremier Soccer League (PSL) seyiveze ukuthi kunoxhaxha lwamacala ezowabeka abeRoyal AM kulandela isenzo sokubukisa ngemali ngemuva komdlalo weDStv Premiership ngempelasonto.

Usihlalo weRoyal AM u-Andile Mpisane nonina ongumengameli qembu uShauwn “MaMkhize” Mkhize babonakala bebiza abadlali bephethe imfumba yemali.

Kukholakala ukuthi leyo mali kwakungeyemihlomulo ephiwa abadlali uma bewinile futhi babezonikwa yona njengoba babebizwa nje.

Nokho abadlali kuthiwa bashaywa amahloni bagijima babuyela ezindlini zokushintshela ngoba bengafuni ukubonakala bemukela le mali.

Le video isuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana, kwavela nemibono ehlukene ngayo.

Kodwa isikhulu esiphezulu kuleli qembu uSinky Mnisi uphike walala ngentaba ethi le mali kwakungehlanganiselwe ukunikela ngayo esikhungweni esithile.

Umshushisi wePSL uNande Becker useveze ukuthi sekunoxhaxha lwamacala abawethwesa iRoyal AM, uMkhize noMpisane ngokwehlukana.

“Icala eliseqhulwini elokukhokhela umuntu obesemdlalweni, kungaba ngumdlali noma isikhulu ngemali engukheshi ngemuva kwalowo mdlalo,” ucashunwe esho kanje uBecker kwiPhakaaathi.

“Sesithole ukugxekwa okukhulu ngabalandeli nakwezinye izinhlaka ngalokhu.”

UBecker wengeze ngokuthi icala lokuhudulela igama lePSL odakeni nelokukhokhela abantu ngemali ewukheshi ngamanye nje kwamaningi.

“Sizobeka nobhekelele ukulandelwa kwemigomo nemibandela yokunqanda ukubhebhetheka kweCovidd-19 eqenjini icala.

“Lokhu kungenxa yokuthi akaqinisekanga ukuthi wonke umuntu ugqoke isifonyo sakhe ngaso sonke isikhathi.

“Iqembu lona sizolibeka icala lokuvumela abantu abebengekho ohlwini lwabavunyelwe ukuba bangene enkundleni.

“Ngabantu abasohlwini olubhalwe phansi kuphela abavunyelwe ukungena ngaphakathi enkundleni ngemuva komdlalo.

“Kukhona necala lokuphuma sekudlule isikhathi esifanele ezindlini zokushintshela ngaphambi kokuqala komdlalo,” kucacisa uBecker.

FUNDA NALA: Sekuqanjwe ingoma yokugiya nggoShalulile neSundowns 

UMnisi ubekuvezile ukuthi kuyabakhathaza ukuzwa ngamacala ababhekene nawo kwabezindaba, wathi lokhu akukhona ukuhambisa izinto ngendlela.

“Kungizwisa ubuhlungu ukuthi thina asivumelekile ukuphawula esidlangalaleni ngezinkinga zethu nePSL ngoba kuthiwa sihlaza iligi.

“Kubuhlungu ke ukuthi thina sesizwa kwabezindaba ukuthi sesibekwe icala ngokuthile esikwenzile.

“Kulungile ke kodwa, sizolinda kwenzeke,” ubesho kanje uMnisi ekhuluma naboKhozi FM ngoLwesibili ntambama.

Lolu xhaxha lwamacala luqhamuka nje iRoyal AM ivele isanda kutholwa inecala kwamanye ahambisana nokugoloza kwayo ukudlala imidlalo yokuhlunga.

Kwamanye awo yathola isigwebo esilengisiwe kodwa lamacala amasha awahambelani nalawa amadala.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.