Sihle Ndlovu
I-Premier Soccer League (PSL) seyiqinisekisile ukuthi izophindwa nini imidlalo yeDStv Premiership emisiwe ngempelasonto ngenxa yemvula KwaZulu-Natal.
Umdlalo phakathi kweRoyal AM neMamelodi Sundowns umiswe kusengu 0-0 ngomzuzu ka-24 eChatsworth Stadium. Kwenzeke okufanayo emdlalweni obuphakathi kwaMaZulu FC neLamontville Golden Arrows eMoses Mabhida Stadium, umiswa kungu 1-1 ngomzuzu ka-75.
“Ngenxa yokuphenya kwesimo sezulu nangemuva kokuhlolisisa kahle izinkundla zombili, imidlalo emibili izodlalwa kanje:
“IRoyal AM izobhekana neMamelodi Sundowns eChatsworth Stadium ngoMeyi 23 ngo-3 ntambama. AmaZulu FC azobhekana neLamontville Golden Arrows eMoses Mabhida Stadium ngoMeyi 24 ngo-3 ntambama,” kusho isitatimende sePSL.
Akuchazwanga okuningi kodwa kuyazicacela ukuthi yomibili le midlalo izoqalwa phansi. Lokhu kuchaza ukuthi iSundowns izoqukula isicoco sayo ngokusemthethweni ngoMsombuluko eChatsworth Stadium.