I-PSL yethule abaxhasi abasha bomqhudelwano womkhumulajezi

I-PSL yethule abaxhasi abasha bomqhudelwano womkhumulajezi
Usihlalo wePSL u-Irvin Khoza
Sbongs Gumbi

IPremier Soccer League (PSL) seyithule abaxhasi abasha abazovuselela umqgudelwano womkhumulajezi obungadlalwanga kule minyaka embalwa edlule.

Lo mqhudelwano wagcina ukudlalwa ngo-2019 ngesikhathi usabizwa ngeTelkom Knockout kanti wama ngesikhathi le nkampani ihoxa.  

Lo mqhudelwano usuzobuya sewubizwa ngeCarling Knockout Cup kanti uzodlalwa yiwo wonke amaqembu adlala esigabeni esiphezulu sePSL. 

Ngesikhathi ethula laba baxhasi ngoLwesibili ekuseni, usihlalo wePSL u-Irvin Khoza uthe ngeke njengamanje adalule ukuthi imali ezowinwa kuwo ingakanani. 

“Nginenze nanexhala nonke… Kodwa kumele nikuqonde ukuthi sisebhizinisini lokwenza abantu basibuke,” kusho uKhoza ngoLwesibili ekuseni.

“Njengoba siyi-PSL nje kuwumsebenzi wethu ukweyusa izinga lenjabulo esizweni futhi yithi esenza izinto abantu abakhuluma ngazo ngenjabulo. 

FUNDA NALA: UKhoza uveza ubuhlungu abuzwayo ngecala likaMeyiwa eselenziwa ihlaya

“Ngijabule kakhulu ngoba ngize lapha ngizophendula umbuzo wokuthi, ‘Yini eniyenzayo ngeTelkom Knockout Cup?’

“Namuhla ngizokwethula abaxhasi abasha balo mqhudelwano okuzoba yiCarling Black Label,” kusho uKhoza.

Uthe eminye imininingwane yalo mqhudelwano izokhihswa uma sebehlangane nawo wonke amaqembu.

Kodwa kuzoba khona nomunye umqhudelwano ozodlalwa ngoDisemba 16 la amaqembu ezosebenzisa nabadlali beDiski Challenge.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.