I-The Citizens iqede nya ngerekhodi laBafana Bes’thende

Sihle Ndlovu

Cape Town City (1) 4

Golden Arrows (1) 2

ICape Town City iphule irekhodi lokungashaywa leLamontville Golden Arrows emidlalweni yeDStv Premiership ngesikhathi iyishaya eCape Town Stadium, ngeSonto ntambama.

Emdlalweni weligi obuvutha eKapa, la maqembu akhombise ukungasabani, nokufakazelwe ukuthi umdlalo ube namagoli ayisithupha. Bese kuphele imidlalo engu-11 Abafana Bes’thende bengayazi induku emidlalweni yeligi, selokhu kuqale isizini ka-2020/2021.

Nokho iThe Citizens ikhombise zisuka ukuthi ibifuna amaphuzu asale eKapa ngendlela ewuqale ngayo umdlalo. Igoli lokuvula lishaywe nguCraig Martin ngomzuzu ka-14. Ngemuva kwalokho i-Arrows ivukile emaqandeni ifuna igoli lokulinganisa.

Ngomzuzu ka-35 kugcine kuthele izithelo ezinhle ukuhlasela kwe-Arrows ngesikhathi uVelemseni Ndwandwe eshaya igoli lokulinganisa. UFagrie Lakay ucishe washaya igoli lokubuyisela iCity phambili ngomzuzu ka-45. Nokho ulivimbile unozinti we-Arrows uSifiso Mlungwana.

Isiwombe sesibili siqale zithengana kungekho iqembu ebelifuna ukuzithela ngabandayo. Ngomzuzu ka-49 i-Arrows ithole iphenathi ebekwe phakathi nguKnox Mutizwa, bahamba phambili ngo 2-1 Abafana Bes’thende.

Bekubukeka sengathi i-Arrows izoqhubeka nerekhodi layo lokungashaywa kodwa bala baphetha abafana baseKapa. Ngomzuzu ka-62 uTaariq Fielies ungqofele phakathi ibhola ebeliyikhona kwaba ngu 2-2.

Ngemuva kwalokho iCity ivuke indlobane kucaca ukuthi ayiyingeni indaba yokushayelwa ekhaya. Kuthe ngomzuzu ka-75 uMduduzi Mdantsane washaya igoli, yaphinde yahamba phambili iCity.

Ukuhlasela ngamandla kwe-Arrows kwenze ukuthi ivuleke emuva. Lokhu kuholele ekutheni uLakay ushaye igoli lesine kwacaca ukuthi bese kuphelile ngerekhodi le-Arrows lokungashaywa kule sizini. Ukuwina kweCity kuyinyusele endaweni yesine, kanti i-Arrows isahleli endaweni yesithupha.

I-Arrows izokwamukela iMaritzburg United emdlalweni wabakhaya eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo. ICape Town City izovakashela iBaroka ePeter Mokaba Stadium, ngeSonto.

Komunye umdlalo obungalo iSonto, iSuperSport United yenyukele endaweni yesibili yeqa, iSwallows FC ngemuva kokubhubhudla iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo 2-0 eThohoyandou Stadium, eVenda. Amagoli Amatsatsantsa a Pitori ashaywe ngoBradley Grobler ngomzuzu ka-59, noSipho Mbule ngoka-67. Ngokuwina kwayo, iSuiSuperSport seyibambene ngamaphuzu neMamelodi Sundowns esizohola phambili ngamagoli kuphela.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.