I-TS Galaxy ifuna ukubuyisa umgqigqo ngeTshakhuma

UWayde Lakay weTS Galaxy

SIHLE NDLOVU

I-TS Galaxy seyike yadlala imidlalo eyisishiyagalombili ingayazi induku nokwenze ukuthi inyuke kwi-log yeDStv Premiership.

Leli qembu libhukele kakhulu ngemuva kokufika komqeqeshi u-Owen da Gama obezovala isikhala esivuleke ngokushiya kukaDan “Dance” Malesela. Nokho izinto zithande ukushintsha emidlalweni emibili edlule njengoba iGalaxy ishaywe yiMaritzburg United ngo 2-0 ekhaya ngoMashi 20, yase iphinde ithola induku ka 2-1 kwiBloemfontein Celtic ngo-Ephreli 4.

NgoMgqibelo ezikaDa Gama zizobhekana neqembu elizama ukubalekele izembe iTshakhuma FC emdlalweni okulindeleke ukuthi ushube weligi e-Emirates Airline Parkm eGoli. IGalaxy isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-26, kanti iTshakhuma iyibambe kweyesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-16.

Umgadli weGalaxy uWayde Lakay uthi kuzomele bakhombise ukuthi ucilo ubungathuki uzishaya endukwini ngesikhathi bewina imidlalo baphinde bagweme ukushaywa.

“Sihlale sisho ukuthi umdlalo wethu olandelayo iwona mdlalo wethu omqoka. Ngakho lo mdlalo esizowudlala neTTM ubaluleke kakhul kithina, abadlali, izisebebenzi neqembu lonke. Ubaluleke kakhulu kithina.

“Amaphuzu amathathu alandelayo abaluleke kakhulu. Kubalulekile ukuthi sigcine indawo esikuyo noma sinyuke kwi-log, ngakho umdlalo olandelayo usemqoka. Sihlale sithi sifuna ukwengeza kulokhu esikwenzayo ngoba sifuna ukuncintisana kwiligi. Yilapho kumele sikhombise khona ukuthi imidlalo eyisishiyagalombili esiyidlalile singashaywa bekungeyona inhlanhla nje,” kusho uLakay.

Lo mdlali uvumile ukuthi naye useyakukhumbula ukubhakuzisa inethi ngoba sekunesikhashana agcina ukwenza lokho.

“Kubalulekile (ukushaya amagoli). Bonke abagadli bakalwa ngokuthi mangakho amagoli abawashayayo. Nokho ngicabanga ukuthi okwamami njengamanje ukuthi ngibe nesandla emdlalweni uma ngisenkundleni. Kubalulekile nokuthi ngiqale ngishaye amagoli futhi. Sekuyisikhathi ngagcina ukushaya igoli ngakho sekuyisikhathi sokuthi ngibuye ngikwenze lokho,” kuphetha uLakay.

ITshakhuma abazobhekana nayo isazikhotha amanxeba ngemuva kokubhaxabulwa yiMamelodi Sundowns ngo 3-1 ngoLwesibili.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.