I-TS Galaxy ifuna ukuzijabulisa ngeChiefs kwiNedbank Cup

USead Ramovic'
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic’, uthi uzodedela abadlali ukuthi ‘bazijabulise’ ngaphandle kokuba nengcindezi, emdlalweni weNedbank Cup Last 32 abazowudlala neKaizer Chiefs.

La maqembu azotholana phezulu eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, emdlalweni okulindeleke ukuthi udle ngokushuba.

“Ngingathanda ukuthi kubadlali kwiNedbank Cup, abayojabula ngoba ingcindezi ayinkulu njengoba kwenzeka emidlalweni yeligi,” kusho uRamovic’.

“Njengamanje kwiligi sisemsileni, lokho kuchaza ukuthi yonke imidlalo ibaluleke kakhulu. INedbank Cup nayo ibalulekile kodwa ngicabanga ukuthi ayinayo ingcindezi ekhona emidlalweni yeligi.”

Nokho uRamovic’ kudingeke akhunjuzwe ukuthi kuhlale kuyimpi yamagqubu uma kuhlangene iGalaxy neChiefs. La maqembu adlale kowamanqamu weNedbank Cup ngo-2019, kwawina iRockets ngo 1-0, nokuyinto eyashiya isilonda kubalandeli baMakhosi.

Ngabe lo mqeqeshi waseGermany uyazi ukuthi lo mdlali akuwona nje wokuzijabulisa kubalandeli baseNingizimu Afrika?

“Yonke imidlalo esiyidlalayo ibalulekile ngoba ekugcineni simele futhi senzela abalandeli bethu,” kusho uRamovic’.

“Uma ngithi kumele siyowujabulela umdlalo akusho ukuthi ngithi kumele siwuthathe njengowobungani. Lo mdlalo ubaluleke kakhulu kithina.

“Ukuzethemba kimina njengomqeqeshi kuphezulu futhi ngingasho ukuthi ngeke siye laphaya siyozama ukuwina, kumele nakanjani siwine.

“Yilokho engikulindele kimina, futhi nabadlali ngifuna bacabange kanjalo.”

Akukho ukungabaza ukuthi lo mdlalo uzoshuba njengoba neChiefs izama ukuthi iqede isizini inendebe ekhabetheni ngemuva kweminyaka eminingi yesomiso.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.