IBafana Bafana ingase idlale ziphoselwe kwiCosafa

IBafana Bafana ingase idlale ziphoselwe kwiCosafa
Umqeqeshi weBafana Bafana uHelman Mkhalele

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Abadlali abaqokelwe iBafana Befana ezobhekana neBotswana emdlalweni wokuqala weCosafa Cup, kumele bakubeke emiqondweni yabo ukuthi ukudlala kahle kulo mqhudelwano kubaluleke kakhulu.

IBafana, ezobe liholwa unozinti uVeli Mothwa, ibukeka iqine ngokwanele ukuthi yenze kahle kwiCosafa Cup ka-2021. Umdlalo useNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoLwesibili, ngo-5 ntambama.

Osekungase kuphazamise iBafana wukuthi umqeqeshi osabambile, uHelman Mkhalele, kungenzeka ngabi khona ebhentshini uma selidlala. UMkhalele, nomqeqeshi wonozinti, uLucky Shibhuri, bayalelwe ukuba bazigonqe kulandela ukusolwa kokuthi batheleleke ngeCovid-19.

Imiphumela yokuhlolwa kwabo kulindeleke iphume ngamphambi komdlalo wokuqala. Kodwa odokotela bancome ukuba baqhele kwabanye abadlali kuze kube kunesiziniseko ngesimo sabo ukugwema ukuba badlulisele kwabanye leli gciwane uma kuwukuthi banalo.

UMkhalele kunguyena oqeqesha iqembu njengoba engakafiki uHugo Broos waseBelgium, ukhombisa ukuthi ubalulekile lo mqhudelwano eqenjini njengoba ebumbe ithimba labadlali abathathu eliholwa nguMothwa ukaputeni, uRushine de Reuck noSiyethemba Sithebe, okungamaphini kakaputeni.

Iqembu lakuleli liseqoqweni elilodwa neBotswana, eSwatini neLesotho. NgokukaMkhalele abadlali abadlala kwiCosafa njengamanje bazobhekwa uma sekuqokwa iqembu elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseQatar ngo-2022.

FUNDA NALA: Uzikhalele ngokuncishwa uNgcobo weChiefs qede kwamlungela uNotoane we-Under 23

“Sithemba ukuthi laba badlali bazolisebenzisa ithuba abazolithola, bahlabe umxhwele ithimba labaqeqeshi. Sinemidlalo eyisithupha okumele siyidlale eqoqweni lethu leNdebe yoMhlaba.

“Lo mqhudelwano uzolungiselela abadlali imidlalo yokuhlunga yeNdebe yoMhlaba, kanti sithemba ukuthi abadlali bazozuza kwiCosafa. Sifuna ukuwuwina lo mqhudelwano ngakho sizimisele kuwona,” usho kanje uMkhalele.

Ayikho imidlalo ezodlalwa yiBafana ngaphambi kokuthi idlale ebalulekile yokuhlunga ngakho uqinisile uMkhalele uma ethi iCosafa kumele bayibhukulele. Empeleni leli qembu kumele lizame ukuwuwina lo mqhudelwano ngoba libophele abadlali abahle kakhulu.

“Into ebalulekile kithina ukuthi sakha inqanawe yeqembu elizodlala imidlalo yokuhlunga. Inhloso yethu ukuthi sinike abadlali isipiliyoni somhlaba, sibalungiselele ikusasa,” kusho uMkhalele.

Iqembu limi kanje:

Onozinti: Veli Mothwa, Lincoln Vyver

Izitobha: Rushine de Reuck, Nyiko Mobbie, Njabulo Ngcobo, Sifiso Ngubeni, Basil Mphahlele, Austin Dube

Esiswini: Sphelele Mkhulise, Ethan Books, Siyethemba Sithebe, Kgaogelo Sekgota, Tiklas Thutlwa, Yusuf Maart, Bright Ndlovu, Kagiso Malinga, Siyanda Msani

Amafolisi: Thabang Sibanyoni, Masilake Pholongo, Monnapule Saleng

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *