IBafana Bafana izehlisele isisindo ishaya iZimbabwe

Sekusele ukuthi iqinisekise ukuthi ayihlulwa eGhana iBafana Bafana ukuthi idlulele emzuliswaneni wokugcina emidlalweni
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Sekusele ukuthi iqinisekise ukuthi ayihlulwa eGhana iBafana Bafana ukuthi idlulele emzuliswaneni wokugcina emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

IBafana uzubeke endaweni enhle kakhulu ngoLwesine ebusuku ishaya iZimbabwe ngo 1-0 eFNB Stadium.

Le wini yenze iBafana yavula igebe lamaphuzu amathathu eqhulwini kuGroup H la ixinwe khona yiGhana.

IBafana inamaphuzu angu-13 kanti iBlack Stars yona inangu-10 njengoba sekusele umdlalo owodwa nje.

Izodlala lo mdlalo wokugcina nayo iGhana ekuhambeni ngeSonto kanti ukudlala ngokulingana kobe kwanele.

Lokhu kungenxa yokuthi iGhana ibambane ngo 1-1 ne-Ethiopia emdlalweni obungawo uLwesine.

I-Bafana isheshe yakhombisa ukuthi ayizile ukuzosinisa amahleza kulo mdlalo yize neZimbabwe beyingazibekile phansi.

Kuyisizile iBafana ukuthi isheshe ilithole igoli eliyehlise imimoya, yaqala yakwazi ukudlala ngokukhululeka.

Leli goli liqhamuke ngomzuzu ka-27 ngesikhathi uKeagan Dolly egoba elihle ibhola ngakwesokudla.

Libeqile abadlali beZimbabwe laze layohlangana noTeboho Mokoena engamakiwe, walingqofela enethini.

Ngemuva kwaleli goli bese zithengana kodwa ingekho efuna ukuhlasela ngokugcwele ukwesabela ukusala ivulekile emuva.

IZimbabwe ibuye seyingagayelwe mphako esiwombeni sesibili uKhama Billiat efuna ukuyidla luhlaza iBafana.

Ngomzuzu ka-44 uBilliat uphenduke kalula nje phambi kwezitobha zeBafana qede walibeka kamnandi phambi kukazakwabo.

FUNDA NALA: Uboshelwe ukuthengela uzakwabo izinkabi owePSG

Nokho uBlessing Sarupinda udlale ngalo ibhola esephambi kwepali – nonompempe uthe ubesevele esendaweni engamfanele.

Ngomzuzu ka-65 uDolly ubethi uyadla edonsa intambo engaphandle kancane kwebhokisi leZimbabwe kodwa uPetros Mhari walichitha ibhola lakhe.

Uphinde wavimba elihle ibhola likaBongokuhle Hlongwane lo nozinti, elichithela phezu kwepali sekukubi.

UBIlliat ubeseyiphela endlebeni ezitobheni zeBafana kodwa umsebenzi wakhe omuhle bebedlala ngawo abagadli.

Izamile neBafana ukuthola igoli lesibili kodwa kwala khona ukwenza umdlalo wagcina uphele ngalo igoli likaMokoena.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *