IBafana ethubeni elihle lokudla eseCosafa iqophe nerekhodi lamagoli

IBafana ethubeni elihle lokudla eseCosafa iqophe nerekhodi lamagoli
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Iqembu lesizwe lebhola laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana, linethuba lokuwina iCosafa Cup ka-2021 lingazange lingenelwe nayelilodwa igoli. IBafana Bafana izobhekana neSenegal emdlalweni wamanqamu weCosafa Cup, eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

Iqembu lakuleli lisadlale kahle kakhulu kulo mqhudelwano futhi alikangenelwa goli. IBafana iqale umqhudelwano ngokushaya iBotswana ngo 1-0, kwathi emdlalweni wesibili yashaya i-eSwatini ngo 1-0.

Ifike emdlalweni wesithathu seyivutha kakhulu njengoba ibhaxabule iLesotho ngo 4-0, kwathi kowokugcina wamaphuzu yabambana neZambia ngo 0-0.

Kowandulela owamanqamu itholane phezulu neMozambique ngoLwesihlanu. Nalapho ifike yangaba nalo noluncane uxolo njengoba idedele isibhaxu sika 3-0.

ISenegal abazobhekana nayo yiqembu elingeke lithathwe kancane kodwa kulo mqhudelwano ayikhombisi ukuqina okutheni. Leli qembu liyivule ngesibhaxu imidlalo yeCosafa Cup njengoba lishaywe yiNamibia ngo 2-1.

Nakowandulela owamanqamu iSenegal ibambane ne-eSwatini ngo 2-2 kwaze kwalamula amaphenathi lapho idlule khona ngo 3-0. Empeleni kulo mdlalo iTeranga Lions ike yalandela ngemuva ngo 2-0 ngesikhathi sekhefu.

IBafana neSenegal sebeke bahlangana amahlandla ayishumi phambilini. ISenegal seyiwine kane kanti iNingizimu Afrika isawine kathathu.

Uma kuya ngendlela esadlale ngayo iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano, nangendlela ebuye ibe buthaka ngayo iSenegal emuva, umdlalo wangeSonto ungase uwinwe yiBafana.

FUNDA NALA: Usephumele obala ofuna ukuthenga iMaritzburg, uthi ubanjezelwe yizibhelu zaseKZN

Nokho iqembu lakuleli kuzomele liye kulo mdlalo lazi kahle ukuthi iSenegal belingakatholani nayo kwiCosafa Cup ngakho kumele bayihloniphe.

Kulindeleke ukuthi ibophele kanje iNingizimu Afrika ngeSonto: Veli Mothwa (ukaputeni) – Nyiko Mobbie, Sifiso Ngobeni, Rushine De Reuck, Njabulo Ngcobo – Monnapule Saleng, Siyethemba Sithobe, Yusuf Maart, Siphelele Mkhulise – Victor Letsoalo

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.