IBafana idlule kalula kwiMozambique, isizodlala owamanqamu kwiCosafa Cup

UNjabulo Ngcobo
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IBafana Bafana iwenze wabukeka ulula umsebenzi wokudlula kwiMozambique ingene kowamanqamu kwiCosafa Cup, ishaya labo makhelwane bayo ngo 3-0. Lo mdlalo owadulela owamanqamu bewuseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha ngoLwesihlanu ntambama.

IBafana icacise zisuka nje ukuthi ifuna ukuwina kulo mdlalo njengoba ibibuya iphindelela emapanili eMozambique. Ukuhlasela kwayo kusheshe kwathela njengoba kuthe ngomzuzu ka-24, uNjabulo Ngcobo walinamathisela enethini ibhola.

Bekuyi-free kick egotshwe nguSiyethemba Sithebe ngakwesokunxele, uNgcobo wagxuma walingqofela enethini. Usale kuthi akazigingqe phansi unozinti weMozambique elwa nezitobha zakhe ezitshela ukuthi ubezicebisile ukuthi ziqaphe uNgcobo.

NoRushine De Reuck ucishe walithola igoli ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, kodwa yena elakhe ibhola laphuma eceleni. Nakuye bekuyi-free kick egotshwe nguMonnapule Saleng.

Elesibili igoli leBafana libe lihle kakhulu. Bekungomunye weminyakazo yokuhlasela, yawuchitha iMozambique kodwa ibhola lahlangana noYusuf Maart. Ubengaphandle kancane nje kwebhokisi, ube eselisika kamnandi walisa ekhoneni elikude nonozinti, lakhala enethini.

Ngomzuzu ka-67, uSiphelele Mkhulisi uhlulwe yimbuzi yethuba ephakelwa elihle ibhola nguSaleng. Nokho lo mdlali uthe uyalizama langavuma ibhola layophuma eceleni.

UVictor Letsoalo naye wengeze emgodleni wakhe wamagoli ngasekupheleni komdlalo evalelela phakathi iphenathi yokwenza kube ngu 3-0. Bekukade kuvele kudlaliswe yena kabi, wavuka wayinamathisela enethini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *