IBafana iphinde yawina ngomcacamezelo wegoli elilodwa kwiCosafa

IBafana iphinde yawina ngomcacamezelo wegoli elilodwa kwiCosafa
UMonnapule Saleng weBafana Bafana ne-Orlando Pirates
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IBafana Bafana inyukele esicongweni eqoqweni layo ngemuva kokushaya i-eSwatini ngo 1-0 emdlalweni weCosafa Cup, eWolfsons Stadium, ePort Elizabeth, ngoLwesine ntambama.

Igoli eliweze iqembu lakuleli ngelibanzi, lize noThabang Sibanyoni ngomzuzu ka-59, nokuchaza ukuthi iBafana isinamaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili. Emdlalweni wokuqala, iNingizimu Afrika ishaye iBotswana ngo 1-0 eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesibili.

NgoLwesine, iBafana ibukeke ingcono kakhulu kunalokhu ebiyikho emdlalweni wokuqala. Ibhola ibilibamba kangcono futhi iphaselana ngobunono okuyinto ebilinika inkinga elaseSwatini.

Bekubukeka sengathi abesSihlangu seMnikati bebefuna ukuhlala emuva bese behlasela ngokuzuma. Nokho basheshe bakubona lokhu abadlali beBafana, bakuvika ukuthi kungabalimazi.

Ngemuva komdlalo, umqeqeshi obambile kwiBafana, uMorena Ramoreboli, uthe ujabule kakhulu ngendlela abadlale ngayo kodwa bekumele basebenze kanzima kakhulu ukuze bathole igoli.

“Besazi ukuthi abadlali babo basemuva banzima. Ngakho bekudingeka sengeze omunye umdlali oyedwa phambili  ukuze sibacindezele. Silithole kanjalo igoli.

“Sidlale ngendlela yaseMzansi yokubeka ibhola phansi, siphaselane kahle futhi isisizile,” kusho uRamoreboli obebonakala ejabule ngemuva komdlalo.

INingizimu Afrika izobhekana neZambia emdlalweni wokugcina wamaqoqo kodwa izinto zivele sezivuna yona kuleli qoqo. Nokho umqeqeshi uthe ngeke bazibeke phansi kulo mdlalo bazodlala ngokukhulu ukuzimisela.

“Emdlalweni olandelayo sifuna ukudlala kahle sithole amaphuzu aphelele ukuze sidlulele esigabeni esilandelayo,” uRamoreboli.

FUNDA NALA: UPisto uthi uyaqonda ukuthi kungani uHunt evume umsebenzi weChippa

Ukudlala kahle kweBafana kufanele ukuthi kuyabathokozisa abasethimbeni labaqeqeshi, abagcizelela ukuthi iqembu kumele lenze kahle kulo mqhudelwano.

Lokhu bakusho ngoba bethi kukhona abadlali abazobadinga uma sekudlalwa imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoSepthemba. Ayikho imidlalo yobungani ezodlalwa yiBafana ngaphambi kokubhekana neyokuhlungela ukuya eQatar ngo-2022.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.