IBafana iphinde yaxaxama yasondela ekufezeni eleNdebe yoMhlaba

IBafana iphinde yaxaxama yasondela ekufezeni iphupho leNdebe yoMhlaba
uThabiso Kutumela
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ithathe elinye igxathu elisondela ekufezeni iphupho leminyaka lokungena kwiNdebe yoMhlaba ngesikhathi ishaya i-Ethiopia ngo 3-1 ekuhambeni ngoMgqibelo ntambama.

Lo mphumela uyibeke ethubeni elihle kakhulu iBafana lokuthi kube yiyo ephumayo kuGroup G iye kwiNdebe yoMhlaba eQatar ngonyaka zayo.

IBafana isaqhwakele kuleli qoqo njengoba seyinamaphuzu ayisikhombisa kanti uma ingaphinde iwine ngoLwesibili amathuba angaba mahle kakhulu.

Ikusebenele ukuwina ekuhambeni njengoba ne-Ethiopia beyingazibekile phansi, ingafuni ukushayelwa ekhaya.

Ngasekuqaleni bekungacaci ukuthi umdlalo uvuna noma usinda bani njengoba bezishukana nje ingekho egobayo.

Nokho ngokuhamba kwesikhathi i-Ethiopia izamile ukuvusa ikhanda ikhombise ukuthi ngeke icashe unomphela isekhaya.

Nokho ngesikhathi ibonakala sengathi kukhona engakwenza ukufaka iBafana enkingeni, kuvele kwabheda.

IBafana ithole i-free kick, kwaphakama uTebogo Mokoena wenza leyo mpahla adume ngayo, walibamba walidedela unozinti we-Ethiopia lakhalakathela enethini.

Isiwombe sesibili besesivulelekile sizihubhana udede futhi kucaca ukuthi iBafana ayifuni ukwudedela umdlalo kanti nelasekhaya bese lilwa.

I-Ethiopia isale ikhala isola unompempe ngokuyincisha iphenathi ngomzuzu ka-56 kulandela ukuthi uSiyanda Xulu elithinte ngesandla engaphakathi ebhokisini.

Kodwa emizuzwini eyishumi ukusuka lapho zisulekile izinyembezi ze-Ethiopia ngesikhathi inika iphenathi ngaphandle nje kancane kwebhokisi.

UGetaneh Kabede uvele wayenza iphenathi, wayishaya yagaxela phezulu enethini uRonwen William wasala elikhomba ukuthi likhale ngapha.

Nokho iBafana ayizange ibadedele njengoba isheshe yabuya yalithola futhi igoli lokuhamba phambili.

Kube yibhola beliphumele ngaphandle, laphoswa uNyiko Mobbie walifaka ebhokisini la lihlangane khona noMothobi Mvala walinamathisela enethini.

Ngemuva kwalokhu lizamile iqembu lasekhaya ukuphinde libuye kodwa kwala khona ukwena nokuthi inhlanhla beyikwiBafana.

Kuthe sekuthiwa umcimbi uphelile, u-Evidence Makgopa waqhamuka wathi ngeke kuphunywe engaphawulanga naye, washaya igoli lesithathu leBafana.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.