IBafana kumele igweme ukuphoxeka kwaphambilini eGhana

IBafana kumele igweme ukuphoxeka kwaphambilini eGhana
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

IBafana Bafana isizibeke ebuhleni emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseQatar kodwa kumele igweme ukuphoxeka okuke kwenzeka phambilini.

Iqembu lakuleli selizihola phambili ngamaphuzu angu-13 kuGroup G kulandela ukushaya iZimbabwe ngo 1-0 eFNB Stadium, ngoLwesine.

IBafana isivule igebe lamaphuzu amathathu eqhulwini, kanti ngalokhu kumele ibonge i-Ethiopia ngokubambana neGhana ngo 1-1 e-Orlando Stadium ngalo Olwesine.

Phambilini iBafana ike yajabulela ubala izitshela ukuthi seyizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2011, kanti phinde ayilubhadi lapho.

U-Okthoba 8 wango-2011, wusuku oluthathwa njengolumnyama ebholeni laseNingizimu Afrika.

Ngalolu suku iBafana, ngaphansi kukaPitso Mosimane, yazihlaza ijabulela ukuthi isizibekisele indawo kwi-Afcon ka-2012.

Ngemuva kokudlala ngokulingana neSierra Leone – umphumela uMosimane awuthola ngemuva kokupaka ibhasi ngoba ekholwa ukuthi ukudlala ngokulingana kwakwanele – abadlali badansela ubala kanti iBafana yayingayi kwi-Afcon.

Njengamanje iBafana idinga ukudlala ngokulingana neGhana ngeSonto ukuze idlulele phambili.

Umdlalo useCape Coast Stadium eGhana ngo-9 ebusuku. Nokho kuzoba nzima kwiBafana uma ishaywa kulo mdlalo ngoba kuzodlulela phambili iBlack Stars.

Imithetho yeNdebe yoMhlaba yeFifa, ithi imidlalo yokuhlunga inqunywa ngomehluko wamagoli eqoqweni (uma amaqembu elingana ngamaphuzu).

Kube sekuba amagoli ashayiwe eqoqweni, bese kuthi ngemuva kwalokho kubhekwe ukuthi amaqembu (asuke ebambene ngamaphuzu) enze kanjani ngesikhathi ebhekene womabili.

Ukuwina ngo 1-0 kweGhana kuzokwenza ukuthi ilingane neBafana ngamagoli abehlukanisayo (goal difference) kodwa iBlack Stars izobe isidlula iBafana ngamagoli ewashayile okuzokwenza ukuthi idlulele phambili.

Womabili amaqembu aseshaye amagoli ayisithupha kanti iBafana isadedele igoli elilodwa kuphela.

Okumele kwaziwe uHugo Broos nethimba lakhe, ukuthi akumele bashaywe emdlalweni wokugcina ngoba
kuzophela ngephupho lokuya eQatar ngo-2022.

FUNDA NALA: IRoyal AM iwavumile amacala ebibekwe wona

“Ngijabule ngomphumela kodwa angeneme ngendlela esidlale ngayo.

“Asidlalanga kahle namhlanje, izitha bezinamandla kunathi,” kusho uBroos ngemuva kokuwina kwiZimbabwe.

“Bebengcono kakhulu uma bephethe ibhola, kanti besibukeka sizithambisa namuhla.

“Angazi kungani, kube yinhlanhla kithina ukuthi kube ngu 1-0 futhi abalishayanga igoli ngoba bawatholile amathuba.

“Angikwazi ukujabula ngendlela esidlale ngayo namuhla,” kuqhuba lo mqeqeshi.

Emdlalweni wokuqala iBafana ishaye iGhana ngo 1-0 ekhaya. Manje sekumele iphinde lokho noma idlale ngokulingana ukuze idlulele phambili.

Uma kungenzeki lokho izolikhomba ibhanoyi elibheke eQatar bese iyibuka isemakhaya iNdebe yoMhlaba.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.