Ibambelele ngezidindi yagcina inqobile iBafana koweNdebe yoMhlaba

Ibambelele ngezidindi yagcina inqobile iBafana koweNdebe yoMhlaba
URushine De Reuck weBafana
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Yize umdlalo uphele sekuminyiwe kubanjelelwa nangezidindi, kodwa iBafana Bafana ikwazile ukubambelela yayithola iwini ebalulekile ishaya i-Ethiopia ngoLwesibili kusihlwa.

Lo mdlalo wokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar bewuseFNB Stadium eGoli kanti bewubukwa abalandeli okokuqala kusukela kwafika iCovid-19.

IBafana kuvelile ukuthi ayikahlangani kahle njengoba nomqeqeshi uHugo Broos esazama ukuthola iqembu azodla ngalo.

Igoli ewine ngalo libe yinhlanhla njengoba kube wumkhonto ogwaza ekhaya uGetaneh Gebede ethi ususa umhlola kanti lizomudla unozinti wangakubo.

Leli goli lingene ngomzuzu ka-11 kanti iwatholile amanye amathuba iBafana yize engekho abecace kahle nongakhala ngokuthi amoshiwe.

Ne-Ethiopia beyingazibekile phansi njengoba ibifuna ukuyidla luhlaza iBafana futhi nje kukhombisile ukuthi inhlanhla iyadingeka ebholeni kwesinye isikhathi.

Leli qembu lakuleli lisahlezi phezulu kuGroup G ngamaphuzu ayishumi ngemuva kwemidlalo emine.

Lilandelwa yiGhana ezithendeni kanti selisalelwe yimidlalo emibili kulesi sigaba samaqoqo.

Uma liqede phezulu liyobe selidlulela esigabeni esilandelayo sokuhlunga la kuyobe sekuphuma khona amaqembu amahlanu ase-Afrika aya eNdebeni yoMhlaba.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.