Ibanjwe ngoswazi oluncane iPirates ngolokulwisa uSukazi

Ibanjwe ngoswazi oluncane iPirates ngolokulwisa uSukazi
OkaDonga Gumbi

Ilengiseliwe isigwebo i-Orlando Pirates yabe seyiyalelwa ukuthi ixolise ngesenzo sayo sokunqabela uTim Sukazi ukungena ezindaweni ezithile e-Orlando Stadium.

Lokhu kuvezwe ngumshushisi wePremier Soccer League uZola Majavu ngoLwesibili kusihlwa kulandela ukutholwa kwePirates inecala ngeviki elidlule.

Lesi sigameko senzeka ngoDisemba ngesikhathi iPirates ibhekene neTS Galaxy kule nkundla yayo.

USukazi wenqatshelwa ukungena egunjini lokushintshela la kwakukhona khona iqembu lakhe ngaphambi komdlalo.

“Njengoba yathola inecala nje, isigungu esiqondisa izigwegwe silalele izethulo zezinhlangothi zombili ngesigwebo esifanele.

“Isigungu sibe sesinquma kanje, okokuqala, i-Orlando Pirates ihlawuliswe imali engu-R100 000 okuyisamba esizolengiswa sonke isikhathi esiyizinyanga ezingu-12,” kusho uMajavu.

FUNDA NALA: ISundowns iyashosholoza ibheke ekwephuleni amarekhodi kwiligi yakuleli

“Lokhu kunombandela wokuthi iPirates ayitholakali inecala elifanayo kulesi sikhathi, uma kwenzeka ilenza le mali iyobe seyivuka kumele iyikhokhe.

“Bayobe sebebuye behlawuliselwa lelo cala abayobe belenze ngaleso sikhathi uma betholwa benecala.

“Okwesibili, iPirates iyalelwe ukuba ikhokhele izindleko zokuhlala kwesigungu okube amahlandla amane okusazobalwa kahle ukuthi kudle malini bese kudluliselwa kwiPirates.

“Okwesithathu, bayalelwe ukuba babhale incwadi yokuxolisa bayibhekise kwiligi, bakuvume ukuthi bafake ibhola, iligi, iSafa, iCaf neFifa ehlazweni ngendlela izikhulu zayo ezagxavuna ngayo uMnuz Sukazi.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.