IBanyana eqoqweni elilodwa neNigeria kwiWAFCON

Sihle Ndlovu

INingizimu Afrika ifakwe eqoqweni elilodwa neNigeria, Burundi neBotswana eqoqweni uGroup C emaqenjini azogadulisana kwi-Women’s Africa Cup of Nations (WAFCON) ka-2022.

Lo mqhudelwano wabesifazane uzokuba seMorocco kusukela ngoJulayi 2 kuya kuJulayi 23 nonyaka. IBanyana Banyana isanda kudlala neNetherlands kowobungani lapho ibilungiselela wona lo mqhudelwano. Elakuleli ligcine lishaywe ngo 5-1 amaDutch.

Izwe elibukeka lizomisa kabi iNingizimu Afrika eqoqweni layo yiNigeria. Umdlalo phakathi kwala mazwe uhlale uheha kungakhathalekile ukuthi kudlala abesilisa noma abesifazane.

Ku-Group A kuboshelwe osokhaya iMorocco, Burkina Faso, Senegal ne-Uganda. Leli qoqo yilona elibukeka lilikhuni kunawo wonke.

ICameroon, Zambia, Tunisia neTogo, bazogadulisana kuGroup B. Kudlula amaqembu amabili iqoqo ngalinye, bese kuthi amanye amabili azoqeda ngamaphuzu akahle endaweni yesithathu nawo adlulele kuma-quarterfinal.

Amaqembu amabili azodlala kowamanqamu we-WAFCON azozibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba lapho ezomela khona i-Afrika.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.