IBanyana igeje inqwaba yize iwinile kwiBurundi

Sihle Ndlovu

Iyeke inqwaba yamathuba okushaya amagoli iBanyana Banyana ewine ngo 3-1 kwiBurundi emdlalweni we-Women’s Africa Cup of Nations (WACON) ePrince Heritier Moulay El Hassan Stadium, eMorocco, ngoLwesine.

Iqembu lakuleli belingawina ngembudlu yamagoli kulo mdlalo kodwa ladlala ngamathuba kakhulu kuzona zombili iziwombe. Umdlali othole amathuba amaningi kulo mdlalo uThembi Kgatlana, oyisethenjwa seqembu lesizwe lakuleli.

Nokho kumele ashayelwe elikhulu ihlombe unozinti weBurundi, uJeanine Irakoze, ovimbe amabhola amaningi abengahlaza iqembu lakhe.

Igoli lokuqala lishaywe uKgatlana ngomzuzu ka-20, ngemuva kokugeja inqwaba kweqembu likaDeseree Ellis. Ilinganisile iBurundi ngomzuzu ka-30 ngegoli elishaywe ngu-Aniella Uwinimana ngomzuzu ka-30.

Ibuyile iNingizimu Afrika ngomzuzu ka-32 igoli ngonyawo luka-Amogelang Mutau. UJermaine Seaposenwe ugeje iphenathi ngomzuzu ka-45, ebingenza ukuthi ziye ekhefini ngo 3-1.

Nangesiwombe sesiwombe iBanyana iqhubekile nokuthola amathuba kodwa yalokhu iwalahla. ULinda Motlalo ushaye igoli lesithathu leBanyana ngomzuzu ka-54 kodwa naye ubengashaya amanye amagoli ngemuva kwalokho.

INingizimu Afrika bese iwina umdlalo wesibili kwiWACON kulandela ukushaya iNigeria ngo 2-1 emdlalweni wokuqala wamaqoqo. Izobhekana neBotswana emdlalweni wokugcina wamaqoqo kodwa isivele iyicabile indlela ebheke emidlalweni yama-quartefinal.

Amaqembu asevele azibekisele indawo kweyomkhumulajezi yiMorocco neSenegal, njengoba nabo sebewine imidlalo emibili ngamunye.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.