IBanyana igqemeke udume lwengozi kulimala umgadli ophambili

UThembi Kgatlana weBanyana Banyana
Sihle Ndlovu

Igqemeke udume lwengozi iNingizimu Afrika kulandela ukulimala komgadli, uThembi Kgatlana, ongeke esabonakala kwiWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON).

Lo mdlali ulimale ngesikhathi iBanyana Banyana ibhekene neBotswana emdlalweni kaGroup C ewuwine ngo 1-0 ngeSonto ebusuku. Kudingeke ukuthi ayohlolwa ukuze kubonakale ukuthi umonakalo ungakanani.

Udokotela weqembu, uRodney Mokoka, ukuqinisekisile ukulimala kukaKgatlana wathi lo mdlali uzobuyela eNingizimu Afrika ukuze azohlinzwa.

“UThembi ulimale kabi umthambo ohlanganisa iqakala nesihluzu onyaweni lwesokunxele ngesikhathi sibhekene neBotswana nokuyinto eqinisekiswe ukuhlolwa namuhla ekuseni,” kusho uMokoka kwiSafa.net.

“Ngebhadi ngeke esadlala kwiWAFCON futhi kulindeleke ukuthi ahlinzwe ekhaya eNingizimu Afrika.”

Lo dokotela uphinde waveza ukuthi uJermain Seopesenwe, naye ongawuqedanga umdlalo weBotswana, akalimele kakhulu.

“Uthinteke kancane nje eqakaleni futhi ubukeka enza kahle kakhulu. Uzobe esekulungele ukubuyela ejimini ngoLwesibili,” kuchaza uMokoka.

IBanyana inomdlalo onzima kakhulu ngoLwesine njengoba izobhekana neTunisia kwi-quarterfinal yeWAFCON eStade Prince Moulay Al Hassan Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.