IBanyana iphendule iNigeria ompushana iwina i-Aisha Buhari Cup

IBanyana iphendule iNigeria ompushana iwina iBuhari Cup
Abadlali beBanyana bejabuelal igoli
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

IBanyana Banyana ishaye iNigeria ngo 4-2 emdlalweni wamanqamu we-Aisha Buhari Cup eMobolaji Johnson Arena eLagos ngoLwesibili ntambama.

Elakuleli liqale lo mqhudelwano ngokunqoba umdlalo walo neGhana kwathi iNigeria yaguqisa iMali kowayo wokuqala.

Izinto ziyiqalele kahle iBanyana ngesiwombe sokuqala ngenkathi umkhonto ugwaza ekhaya ngegoli elifakwe u-Alozie Chidi weNigeria yahamba phambili kanjalo iNingizimu Afrika.

Iqembu likaDesiree Ellis belitanasa esiwombeni sokuqala njengoba ligcine kuyulo elihlaselayo, lathola iphenathi ngemuva kokuthi u-Ebie Onome ebambe ibhola ngesandla ebhokisini.

ULinda Motlhalo akananazanga, walinamathisela enethini kwaba u 2-0. Ngaphambi kokuphela kwesiwombe sokuqala iBanyana ithole igoli lesithathu lifakwa nguGabriel Salgado.

Lokhu bekungemuva kokuthi iNigeria ithole igoli kodwa laphikwa. Kuphele isiwombe sokuqala iBanyana ihamba
phambili ngamagoli amathathu eqandeni.

UVivian Ikechukwe weSuper Falcons ufake igoli emuva kokuqala isiwombe sesibili, iBanyana isacabanga ngalakho waphinda elesibili emuva kwemizuzu embalwa.

INigeria isabheke ukuthola igoli lokulinganisa, iBanyana ibuye yathola iphenathi yesibili ebe seyithathwa nguMamello Makhabane.

Naye akazange alenze iphutha kodwa walibeka phakathi ukuqinisekisa ukuthi amathuba eNigeria okubuya ayaphela nya.

Lokhu kwenze yaba ngompetha bokuqala beBuhari Cup ebidlalwa okukuqala ngqa kulo nyaka. Bekudlala amaqembu amenyiwe kuphela.

“Uma ngibheka umdlalo ngingasho ukuthi besiwuphethe cishe ingxenye izikhathi eziningi. Ngicabanga ukuthi sidlale ngendlela ekade ngihlele ngayo,” kubeka u-Ellis ngemuva komdlalo.

“Siwenzile amaphutha amaningi nokwenze ingozi kodwa sakwazi ukubhekana nayo, sikwazile ukuthola amagoli amabili asheshayo.

“Abadlali babonise ukuzethemba kakhulu, sakwazi ukwenza ushintsho olufanele, sathola nephenathi sakwazi ukulawula umdlalo.

“Asinqobelanga thina eNigeria kepha wonke umuntu ekhaya obambe iqhaza ebholeni labesifazane, iHollywoodbets, iSasol nabaqeqeshi kumele sibabonge.

“Kumele sibashayele ihlombe ngomsebenzi omuhle abawenzile, kodwa sidinga okungaphezulu kunalokhu.

“Besifuna ukuzilungiselela kahle ngawo lo mqhudelwano futhi kufanele siqhubeke nomgqigqo wethu, iNigeria ikwazile ukuhlala iyiqembu elisezingeni eliphezulu iminyaka ilandelela.

“Kumele sibungaze ukunqoba lo mqhudelwano ngoba kufanele sikwenze lokho. Kodwa kusasa kuqala iCosafa Cup ngakho kumele sishintshe sibheke kuyo.

FUNDA NALA: UKatsande usekudlulisile ukushaywa kwakhe engenze lutho

“Sizothatha konke esikufundile kuwo lo mqhudelwano siye nakho phambili. Sineqembu eligcwele ngabadlali abasebasha kuleli qembu nabanesipiliyoni.

“Besazi ukuthi bazokwenza konke okusemandleni wabo ukuhlasela. Ngijabula kakhulu njengoba sinqobe kude nasekhaya.

“Ngithanda ukubonga i-SAFA, Hollywoodbets neSasol abasebenze kakhulu ukulungiselela abadlali ngokuqinisekisa ukuthi badlala nsukuzonke.

“Ngibonge nabaqeqeshi abasixhasile nabalandeli emuva ekhaya siyazi ukuthi izwe libhekene nobunzima beCovid-19,” kubeka umqeqeshi weBanyana.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.