IBanyana izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2023

Sihle Ndlovu

Izibekisele indawo kowandulela owamanqamu weWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON) iBanyana Banyana eshaye iTunisia ngo 1-0 kwi-quarterfinal ngoLwesine ebusuku.

Iqembu lakuleli belidinga ukufinyelela kowandulela owamanqamu weWAFCON ukuze lizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba engonyaka ozayo, kanti lokho likwenze ngempumelelo ePrince Moulay Abdellah Stadium, eMorocco. INdebe yoMhlaba ka-2023 ise-Australia naseNew Zealand ngoJulayi 20.

Nokho kumele kuphawuleke ukuthi iBanyana ilahle inqwaba yamathuba kulo mdlalo nokuyinto esithanda ukuyenza njalo. Kube yisimo esifanayo ibhekene neBurundi lapho iwine khona ngo 3-1 yize beyingashaya ngisho amagoli ayishumi.

Lokhu kugeja kweqembu lesizwe lakuleli kwenze izinto zalukhuni kungenasidingo, nezitha zagcina zibuyela emdlalweni. Iningi lezibukeli enkundleni beleseka iNingizimu Afrika futhi belikhala kakhulu uma igeja.

Igoli eliweze ngelibanzi iBanyana lishaywe nguJermaine Seoposenwe ngomzuzu ka-14. Ngaleso sikhathi iTunisia ibivuleke kakhulu emuva iBanyana izenzela nje.

Ukuwina kweBanyana kuchaza ukuthi izobhekana neZambia emdlalweni owandulela owamanqamu weWAFCON. IZambia izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa emlandweni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.