IBaroka ayifuni lutho ngomdlali ohalelwa yiChiefs, Pirates neSundowns

U-Evidence Makgopa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usihlalo weBaroka FC, uKhurishi Mphahlele uthi akazi lutho futhi akafuni ukukhuluma ngamaqembu okuthiwa acathamela umdlali wayo, u-Evidence Makgopa.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ube nesizini enhle kwiDStv Premiership futhi nguye oklonyeliswe ngendondo yokuba ngumdlali osemncane ovelele. Ube esekhombisa ukuthi le ndondo ayibanga yiphutha ngokushaya amagoli amabili eqala ukudlala kwiBafana Bafana ngoLwesine.

Lokhu kuqale phansi izinkulumo ngamaqembu athi uma embuk kuconse amathe naseqalile ukuzulazula eduze kweBaroka ezama ukuyishela ukuba ibanike yena.

Emaqenjini osekuvele ukuthi amfuna uthuli uMakgopa yi-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.  Impempe isingakuveza ukuthi iPirates yona kade vele yaqala ukuxoxa neBakgaga ngalo mdlali.

“Ungangibuzi ngokuthi amanye amaqembu afunani noma yini angayifuni. Angazi lutho mina,” usho kanje uMphahlele ekhuluma nabePhakaaathi. Uthe ubengakezwa lutho ngabafuna uMakgopa futhi usazimisele ukumgcina.

“Siziqhenya kakhulu ngalo mfana wethu, singayeka kanjani nje vele ukuziqhenya? Lokhu kuyakhombisa ukuthi siyabakhiqiza abadlali futhi sinokuthile esikunongayo kwiligi nasezweni lonke.

“Wafika lapha eneminyaka engu-17, samkhulisa samcija njengoba esekuleli zinga akulo nje. Bonke abafana abancane balapha eqenjini bengaya kude nebhola, badinga nje ukukhuliswa kahle.

“Thina sibafaka umfutho nokuzethemba ngokubatshela ukuthi banakho konke okudingeka ebholeni. Bonke laba bafana kukhona abazokwenzela izwe nabalandeli bethu. Abalandeli bethu kumele bazi ukuthi balandela iqembu elisezingeni,” kuchaza uMphahlele.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.