IBaroka ifake amaphepha okuphikisa ukukhokhela eyamxosha izizumbulu

IBaroka ifake amaphepha okuphikisa ukukhokhela uKerr izizumbulu
UDylan Kerr ngesikhathi ecija iBaroka FC
Intatheli yeMpempe

IBaroka ilayelwe yisigungu esisombulula izingxabano (iDispute Resolution Chamber) kwiPSL ukuba ikhokhele owayengumqeqeshi wayo uDylan Kerr uR3.5-million ngokumxosha kwayo ngoNovemba ka-2020.

Nokho kuthe ngoLwesihlanu leli qembu lafaka amaphepha esigungwini sokubuyekezwa kwezinqumo seSafa nakuso esePSL ifuna ukuba kuhoxiswe lesi sinqumo esiphume ngoMeyi 18.

Ngokwalesi sinqumo seDRC yePSL, iBaroka kumele ikhokhele uKerr yonke imali ayezoyihola kule nkontileka ababenayo yeminyaka emithathu.

UKerr ubefune ukukhokhelwa uR6.1-million. Wasayina inkontileka yakhe ngoDisemba 31 2019 ayezohola ngayo uR155 477 ngenyanga.

Kwakuzothi ngesizini elandelayo, eka-2020/21 yenyuke le mali bese ehola uR171 024, bese kuthi ngeka-2021/22 inyukele kuR188 127. Kweyokugcina, eka-2022/23 ahole uR206 939.

Kwakukhona namabhonasi, ukukhokhelwa indawo yokuhlala, imoto ehambisana nesibonelelo sikaphethiloli namathikithi okuya nokubuya e-England esuka eGoli okwakwenza uR6 109 001 sekukonke.

NGokwamaphepha afakwe yiBaroka njengoba seyifuna kuhoxiswe lesi sinqumo, uKerr usevele uke waqashwa yiBlack Leopards, Tshakhuma Tsha Madzivandila kanti kumanje ukwiSwallows FC .

Ithi ngenxa yalokho (ukuthi akalahlekelwanga umholo) imali okungabe usayitholile kusukela axoshwa kuyo nguR2 563 437 kuphela.

UKerr yena wayefake isicelo sokunxeshezelwa ngoR6 109 001 bese kwephulwa uR2 563 437, okwenza yena kufanele athole uR3 545 564.

“Ngokokwenyuka kwezintela namanani empilo, lo ofake isicelo (uKerr) uphumelele esicelweni sakhe futhi asikho isizathu esingenza singanqumi ukuba akhokhelwe.

“Ufanelwe nawukuthola inzalo, yingakho siqnuma ukuthi kumele ayithole nayo. IBaroka iyalelwa ukuba ikhokhele uKerr isinxephezelo sesamba esinguR3 545 564,” ibufundeka kanje ingxenye yalesi sinqumo ngokubika kweSUnday World.

IBaroka yabeka uKerr icala lokuyifaka ehlazweni, yamthola enecala kulandela ukuba ethenge futhi waphuza utshwala ehhotela ngesikhathi kudlange iCovid-19 amaqembu esemvalelweni (Bio-Bubble).

FUNDA NALA: UZwane uthi siphelile isikhathi sokuncenga abadlali abangayisizi ngalutho iChiefs

Wasolwa ngokuthi wabe eseyokhuluma kwabesiteshi sethelevishini saphesheya, engcolisa igama leqembu. Waphinde wasolw angokuthuka iphini lakhe phambi kwabadlali.

Wehluleka nokuqeda ngaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi okuyinto okwakuvunyelwene ngayo.

IBaroka izeseka ngokuthi isigungu sePSL senze iphutha ngokuklomilisa uKerr ngoR3.5-million ngaphandle kokuchaza ukuthi ifike kanjani kuleyo mali.

Ithi lesi sigungu siphinde saphunduleka ngokuthi sithi uKerr akazange aphuze utshwala ngesikhathi buvaliwe ezweni. ISafa isazomemezela usuku okuzohlalelwa ngalo lesi sicelo seBaroka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.