IBaroka ikhiphe isinyama senduku ngeTS Galaxy

IBaroka ikhiphe isinyama senduku ngeTS Galaxy
USbonelo Ngubane
Alfred Ngubane 

IBaroka iqede ishobolo lenduku ebiqhuma ngapha nangapha ngokushaya elinye iqembu elisenkingeni efanayo nayo iTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.

Womabili lanmaqembu asesimweni esibi futhi izembe lilokhu lisina qede liwaeqeze. Bekuvele kubhekwe ngabomvu ukubona ukuthi yiliphi elizoguqa kwazise amaphuzu ayawadinga womabili.

IBaroka igcine ilishayile igoli ngomzuzu ka-15, iqeda ishobolo lokudlala imidlalo emithathu ngaphandle kokubhakuzisa inethi.

Igoli liqhamuke kade kuiyikhona engqofelwe phakathi nguSibonelo Ngubane kanti yize iTS Galaxy izamile ukubuya ngemuva kwalokhu, kuze kwayiwa kophuza amanzi isalandela ngemuva.

Izinto ziyibhimbelile iTS Galaxy ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili ngesikhathi u-Orebotse Mongae ekhishwa ngekhadi elibomvu.

U-Augustine Kwem ubethi uyayibuyisela iTS Galaxy emdlalweni ngomzuzu ka-61 kodwa u-Oscarine Masuluke wenqaba elivimba ibhola lakhe.

FUNDA NALA: UMaema uthi iSundowns ifuna ukucoboshisa konke okuphambi kwayo

Ukuhlulwa kweTS Galaxy kuyifake enkingeni njengoba seyilingana neBaroka ngamaphuzu kanti babambe umsila bobabili.

Uma ingajiki ukwenza izophoxa abantu abaningi abebenokuyethemba ukuthi iza nokuhlukile kwiPremiership yakuleli.

Leave a Reply

Your email address will not be published.