IBaroka ilandele iChiefs iwashiswa amavukana ijezi kwiNedbank Cup

Abadlali neCape Town Spurs o-Ashley Cupido oshaye igoli, noKhaya Mfecane bejalubulela igoli

OKADONGA GUMBI

IBaroka ibe yiqembu lesithathu lesigaba esiphezulu ukukhishwa elesigaba seGladAfrica Championship, iwashiswa ihlezi yiCape Town Spurs ngoMsombuluko. ITS Galaxy neKaizer Chiefs nabo bashiywe bekhala amavukana eChampionship.

I-Urban Warriors iwine ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 1-1, emdlalweni obuse-Old Peter Mokaba Stadium oPolokwane.

ISpurs asizange sizibeke phansi njengoba besiyihubha kuvalwe amehlo iBakgaga, kodwa kwale uma sekumele basondele epalini baqedele umsebenzi.

NeBaroka beyizama yize yehlulekile ukuphatha umdlalo njengobekulindelekile kwazise idlala esigabeni esiphezulu kune-Urban Warriors.

Amathuba avelile kuwo womabili amaqembu kodwa bekunenkinga uma esesondela emapalini. Kuze kwaba sesikhathini sikanompempe la iBaroka ize yakora khona.

URichard Mbulu uzithole ehlangana nebhola liqengqeleza lodwa esebhokisini leSpurs, wavele walinamathisela enethini.

Nokho ngebhadi lakhe, ube esebhinyika eqakaleni ngesikhathi eqeda kushaya igoli. Kodwa ubekezelile wabuya ngesiwombe sesibili kodwa ebonakala ukuthi usezinhlungwini. Ugcine ehlulekile nokho wazicelela ukukhishwa.

Akuyithathanga isikhathi eside esiwombeni sesibili i-Urban Warriors ukuthi ithole elokulinganisa. Bekungumzuzu ka-57 ngesikhathi u-Ashley Cupido ebhakuzisa inethi.

Ngemuva kwalokhu, zigadulisane zaze zabukana ingasekho egoba uphondo waze waphela umdlalo, kwayiwa esikhathini esengeziwe.

Ngomzuzu ka-14 esikhathini esengeziwe, isindele u-Oscarine Masuluke iBaroka evimba amabhola anzima eSpurs ewajaha waze waphuma ngisho ebhokisi lakhe.

Ngomzuzu ka-14, uThami Masiya ube nomhobholo wafuna ukukora yena engabe uphasela uzakwabo obengamakiwe, ibhola lakhe laphuma eceleni.

IBakgaga ibifika kaningi epalini leSpurs kodwa yehluleke ukukora. Kuze kwagcina kuyiwe phansi kwepali la iBakgaga ihluleke khona.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.