IBaroka iphuce iSundowns seyiwaphethe ngesandla amaphuzu

IBaroka iphuce iSundowns seyiwaphethe ngesandla amaphuzu
Sihle Ndlovu

IBaroka FC iphuce iMamelodi Sundowns amaphuzu ekugcineni ngesikhathi la maqembu ebambana ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership e-Old Peter Mokaba Stadium ngoMsombuluko ebusuku.

Ukuwina kweSundowns bekuzokwenza ivule igebe lamaphuzu angu-20 esicongweni, kanti isisalelwe yimidlalo eyisishiyagalolunye yeligi.

Nokho amanye amaqembu angemuva kwayo asasalele emuva ngemidlalo, okungasho kodwa ke ukuthi azoyiwina nakanjani.

IBaroka iyona eqale kahle kakhulu ikhombisa ukuthi ayiyesabi iSundowns kulo mdlalo. Ubushesha kakhulu umdlalo kodwa emizuzwini yokuqala bekubhoke kakhulu iBaroka.

Nokho kube yiSundowns ebuze kuqala ukuthi u-Elvis Chipezeze ukhona yini emapalini ngesikhathi uLyle Lakay ekhahlela ibhola ebelibekwe phansi, lashaya epalini yabuyela enkundleni ngomzuzu ka-20.

Kuthe ngomzuzu ka-23 iBaroka yathola ithuba elihle kakhulu lokuhamba phambili ngesikhathi uRivaldo Coetzee ebamba ibhola ngesandla esebhokisini.

Unompempe uXola Sitela uyikhombe emlotheni kodwa uBasel Mphahlele wakha amabhilidi.

FUNDA NALA: Yakhelwe ibriji eliya emzuliswaneni olandelayo iSundowns kwiNedbank Cup

ULakay uphinde washaya ipali futhi ngaphambi kokuthi ziye ekhefini esesele uChipezeze. Umdlalo uye ekhefini zibambene ngo 0-0 yize bekumele ngabe bese likhona igoli.

Isiwombe sesibili siqale kuyiSundowns ebihlasela kakhulu ifuna igoli lokuhamba phambili. Iphinde yabekelwa elinye ibhol phansi, walithatha walibeka enethini uLakay wasala emile uChipezeze ngomzuzu ka-49.

Ucishe washaya igoli lesibili uLakay ngomzuzu ka-67 kodwa ibhola lakhe laphinda yashaya ipali esesele uChipezeze.

Igoli lokulinganisa elihle leBaroka lishaywe uRichard Mbulu ngomzuzu wokugcina ngci, wasala ebambe ongezansi uManqoba Mngqithi.

Lo mdlali washaya elinye igoli elihle bebhekene neDowns ngonyaka odlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.