IBaroka ivele yabaxosha abadlali abafike ekhempini sekwedlule isikhathi

IBaroka ivele yabaxosha abadlali abafike ekhempini sekwedlule isikhathi
UCheslyn Jampies

UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Facebook

IBaroka FC isikhombise ukuthi ayisinisi amahleza uma kuziwa ekuziphatheni kwabadlali njengoba seyixoshe ababibili abasolwa ngokwedelela imithetho yeqembu.

Impempe isivundulule ukuthi oCheslyn Jampies noJemondre Dickens bakhonjwe abafika ngayo kuleli qembu lase Ga-Mphahlele eLimpopo.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi laba badlali bebuye eqenjini sekwedlule ngezinsuku ezintathu esikhathini okwakufanele babuye ngaso.

Umthombo osondelene naleli qembu eladuma kakhulu lisaphekwa nguKgoloko Thobejane, uthe laba badlali abazange babibe ukuthi abazubuya ngesikhathi esasibekiwe.

“Babizelwe ekomidini eliqondisa izigwegwe, batshelwa ukuthi iqembu ngeke lisakwazi ukuqhubeka nabo ngoba bakhombise ukungalihloniphi.

“Abadlali babexwayisiwe ngendaba yokuziphatha nokuhlonipha iqembu nozakwabo kanti lokhu abakwenzile bona kuyaphambana nalokho.

“Bavele batshelwa ukuthi kuzonqanyulwa izinkontileka zabo. Ngicabanga ukuthi bekwenzelwa nokukhombisa nabanye ukuthi indaba yokuzenzela ngeke isabekezelelwa eqenjini,” kusho lo mthombo.

UJampies ubefike kuleli qembu ekuqaleni kwesizini edlule esuka kwiRichards Bay FC. Ubesasalelwe yiminyaka emibili kwinkontileka yakhe yakhe.

Wayesayine iminyaka emithathu ngesikhathi efika. UDickens naye ubesasalelwe yiminyaka emibili. IBaroka kuthiwa izimisele ngokuba ngelinye lamaqembu alwela izindebe kuleli.

FUNDA NALA: Sekulindwe isinqumo negcala lokuduba imidlalo leRoyal AM

Leli qembu lisanda kuvula ngokusemthethweni isikhungo sayo esikhulu esisezingeni eliphezulu khona endaweni yaseGa-Mphahlele.

Asebeke bafika kuso basifanisa neseKaizer Chiefs yize sona singekho ezingeni leNaturena. Kodwa sona sikhulu ngokuthi kukhona nanezindawo zokuhlala abadlali ngaphakathi kuso.

Imizamo yokuxhuma usihlalo weBaroka, uKhurishi Mphahlele ngalokhu ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungangeni. Kodwa sizolokhu siqhubeka sizama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.