IBaroka iyafa yinduku, ‘ibulala’ nomqeqeshi uThobejane

IBaroka iyafa yinduku, 'ibulala' nomqeqeshi uThobejane
Sihle Ndlovu 

Ukukhala kwesibhaxu kwiBaroka FC kubukeka ‘kumbulala’ umqeqeshi waleli qembu uKgoloko Thobejane.

Lo mqeqeshi waziwa ngamazwi akhe athi “ibhola lizokubulala nya”. Nokho kubukeka kubheke ngakuyena lokhu njengoba iqembu lakhe libhekene ngqo nokugawulwa yizembe ekupheleni kwesizini.

IBaroka iphinde yalahla amaphuzu ngesikhathi ishaywa yiMarumo Gallants ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

Lokhu kuyenza iqembu elihamba phambili njengamanje ekudliweni yizembe njengoba iyivale emsileni.

“Sekusele imidlalo eyisishiyagalolunye kusongwe manje. Sisenamaphuzu angu-14, futhi umehluko wamagoli phakathi kwethu namanye amaqembu uyenyuka,” kusho uThobejane.

“Yize sikulesi simo, bekuqala ukuthi ngibone indlela enje yokuphathwa komdlalo ngunompempe. Besicindezelwe, akubanga khona ukuthi kwenziwe izinto ngendlela efanayo.”

IBaroka seyishaywe imidlalo emithathu ilandelana. Iqalwe yiSekhukhune United eyinenebule ngo 4-0, kwalandela iKaizer Chiefs eyishaye ngo 1-0.

FUNDA NALA: IGalaxy ithuswe yiSUndowns yenza intaxa yamaphutha ayifake enkingeni

Ukushaywa ngo 3-0 ngoLwesithathu kuchaza ukuthi seyidedele amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni emithathu, kanti ayishayanga nelilodwa.

“Kodwa sizophusha. Sidinga iwini kodwa sizoyithola kanjani sihluleka ukushaya amagoli?” kubuza uThobejane.

“Siyawakha amathuba. Kodwa kuyadumaza, kuyadumaza kakhulu. Akwamukelekile, siyayidinga imiphumela.”

IBaroka kuzomele izame ukuthola umphumela ongcono uma isibhekene neTS Galaxy koweligi ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

Lo mdlalo ngeke ube lula neze ngoba neRockets izama ukubalekela izembe, ngakho iyawadinga amaphuzu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.