IBay igudluzwe yiTuks esicongweni kwiChampionship

Sihle Ndlovu

IRichards Bay FC idlale ngomsebenzi omuhle kanozinti uMalcom Jacobs ngesikhathi idedela igoli ekugcineni ishaywa ngo 1-0 yi-University of Pretoria, eTuks Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ntambama.

Empeleni uJacobs uyena obezama ukwenza isiqiniseko sokuthi iphupho leNatal Rich Boyz lokwenyukela kwiDStv Premiership, alishabalali. Nokho ngemuva kokubambelela isikhathi eside iBay iyeke uKamohelo Pheeane washaya igoli ngomzuzu ka-90.

Ukuwina kweTuks kusho ukuthi iyona esiqhwakele kwilogi yeGladAfrica Championship, nokwenza ukuthi umbango ushube kakhulu.

Kulo mdlalo bekutholene iTuks, ebisendaweni yesibili kwilogi, neBay ebiqhwakele. Bekwaziwa ukuthi umdlalo uzodla ngokushuba futhi kuvele kwaba njalo zisuka nje.

ITuks ibingqongqoza ingqongqzile odongeni lweNatal Rich Boyz kodwa angavumi nhlobo uJacobs nokhiye wokuvula. Ngaphandle kwalokho ubethatha ibhola alibeke ngqo endodeni ehlaselisa ezangakubo.

Iqembu lasekhaya belihlasela kakhulu lisebenzisa abadlali balo, uWonderboy Makhubu noThabang Sibanyoni. Bobabili laba badlali badlale kahle kakhulu ngesikhathi iqembu likhishishwa yiRoyal AM kwiNedbank Cup ngempelasonto.

UMakhubu ushaye amagoli kulo mdlalo weNedbank Cup ophele ngo 3-2 (kuwina iRoyal) yize abafana basePitoli beke bahamba phambili ngo 2-0.

Ngokomdlalo iTuks iyona ebihlasela kakhulu futhi bekufanele ithole igoli kungakayiwa ngisho ekhefini. Kwakona ukuthi igoli lingene ekugcineni kubongwa yena uJacobs.

IBay seyike yayilahla ekugcine kade iqhwakele isikhathi eside ngesizini edlule. Umqeqeshi uPitso Dladla uzokwethemba ukuthi ngeke kuphinde okufanayo kulokhu.

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.