IBay ilahle amaphuzu abalulekile ibambana noThongathi

Sihle Ndlovu

IRichards Bay FC izenzele kwaqansa ekuwineni isicoco seligi ngesikhathi ibambana noThongathi FC ngo 2-2 emdlalweni weGladAfrica Championship, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu.

INatal Rich Boyz ayidlalanga njengeqembu elifuna ukuwina isicoco seligi bese linyukela kwiDStv Premiership. Lokhu kwenze yavulela ithuba i-University of Pretoria nayo enethuba lokudla isicoco seligi.

AmaTuks kungase kuphele impelasonto esesicongweni uma ewina umdlalo azowudlala neVenda Football Academy ngoMgqibelo ntambama.

IBay iyona ebone inethi kuqala ngesikhathi uSakhile Hlongwa ebeka phakathi iphenathi ngomzuzu ka-22. Nokho leli qembu elizama ukuwina isicoco seligi livele lehlisa izinga kakhulu ngemuva kwalokho.

Lokhu kuholele ekutheni Uthongathi lubuye ngamandla nokugcine ngokuthi lushaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-28 nelize noSyanda Dlamini.

Esiwombeni sesibili iBay ibuye isazithele ngabandayo kakhulu kunakuqala. Ngomzuzu ka-50 kuvele kwabheda kakhulu kwiBay ngesikhathi Uthongathi luthola iphenathi eshaywe uNkosikhona Dube phakathi.

Lizabalazile iqembu lasekhaya labuya ngembumbulu yegoli eshaywe uHlongwa ngomzuzu ka-61 kwaba ngu 2-2. Ngaleso sikhathi iBay ibisivukile emaqandeni kucaca ukuthi ayifuni ukushaywa kulo mdlalo.

UMfanafuthi Mkhize woThongathi ukhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-78, kulandela ukuthola ikhadi eliphuzi lesibili. Lokhu kuchaza ukuthi lo mdlalo ngeke esadlala kule sizini njengoba kusele imidlalo emibili kuphela.

Uma iBay ingasiwini isococo seligi kuzobe kungaqali ukuthi iyilahle ekugcineni skuthenjiwe ukuthi izonyukela kwiPremiership.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.