IBay iyeke ithuba lokuvula igebe esicongweni seChampionship

UKhanyisa Mayo neqembu lakhe iRichards Bay FC bahlulekile ukuwina bebhekene neCape Town Spurs

SIHLE NDLOVU

Ilahle ithuba lokuvula igebe esicongweni iRichards Bay FC ebambane neCape Town Spurs ngo 0-0 emdlalweni weGladAfrica Championship eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngeSonto ntambama.

Empeleni kulo mdlalo iBay ayiqalanga neze kahle nokwenze ukuthi iSpurs ithole ibhola njalo nobekuyingozi kakhulu eqenjini lasekhaya. Bekuyizivakashi ebezidlala kahle ikakhulukazi esiswini.

ISpurs iyona ebihlasela kakhulu ngemizuzu yokuqala nobekwenza kubukeke sengathi idlalela ekhaya. Nokho ibifike iphoxe uma isifika emapalini eBay njengoba ibihluleka ukusebenzisa amathuba ngendlela. IBay ithole elihle ithuba ngomzuzu wesihlanu kodwa ibhola ebelingqofwe uZulu laphuma eceleni kwepali.

Iqhubekile nokucindezela iSpurs kucaca ukuthi iyahlakazeka emuva iBay uma izivakashi ziphethe ibhola. Ngomzuzu ka-14 uToriq Losper bekumele alibeke phakathi ibhola kodwa waalishaya phezu kwepali eseduze kakhulu. Ngemuva kwalokho awkho amathuba atheni avelele amaqembu womabili umdlalo waya ekhefini kungu 0-0.

Nangesiwombe sesibili iSpurs iyona eqale kangcono ifuna igoli. Ibhola ebelidonswe uRiyaad Norodien, owake wadlalela i-Orlando Pirates, ngomzuzu ka-52 lichithwe unozinti weBay sekuvalwe amehlo. Ngemuva kwalo mnyakazo libukeke livuka emaqandeni iqembu lasekhaya. UKatlego Maphathe ucishe walibeka phakathi ngomzuzu ka-56 kodwa waphila ezintini zeSpurs uLincoln Vyver. Uphinde wabuya futhi uMaphathe ngomzuzu ka-60 kodwa wala futhi uVyver, walibamba lathula ngqi ezandleni zakhe.

IBay ibisibuya iphindelelala ngemuva kwalokho kodwa ayiwasebenzisanga amathuba nenqwaba yamakhona ewathole emizuzwini yokugcina yomdlalo. Umdlalo ugcine ngo 0-0.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.