Ibe yinhle impatho kwiPirates eshaye elaseLiberia

Ibe yinhle impatho kwiPirates eshaye elaseLiberia
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Ubonge impatho abayithole eLiberia umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi ngemuva kokuthi beshaye iLPRC Oilers ngo 2-0 koweCAF Confederation Cup.

AmaBhakabhaka azibeke ethubeni elihle lokudlulela phambili kulo mqhudelwano ngokushaya amagoli amabili abalulekile ekuhambeni ngeSonto.

“Okokuqala nje ngithanda ukubonga abantu baseLiberia ngokusamukela ngezandla ezimhlophe.

“Ngokujwayelekile uma uya e-Afrika usaba isimo nendlela ophathwa ngayo kunokwenzeka enkundleni,” kusho uNcikazi.

“Nokho lapha sihlale kahle kakhulu ngakho kumele sikucacise lokho. Mayelana nomdlalo bekunzima, isimo bekungesona esisijwayele ngoba bekushisa kakhulu.

“Inkundla ibincane kakhulu kunalokhu esikujwayele.”

Ukubuya nalo mphumela ekuhambeni kuchaza ukuthi iBucs sekumele ifike idlale kahle ekhaya emlenzeni wesibili bese idlulela phambili.

“Bekumele sizame ukushaya amagoli. Emiqhudelwaneni yase-Afrika into ebalulekile ukushaya amagoli ekuhambeni.

“Ngakho bekubalulekile sishaye, besingakwazi ukushaya amaningi kodwa ngiyajabula ukuthi kunomehluko
wamagoli amabili phakathi kwethu.

“Uma ushaya igoli elilodwa usuke usanika izimbangi ithuba.

FUNDA NALA: Sekuvele okusha ngonozinti waseSegenal owabamba iBafana

“Ngeke sibeye nakancane uma sesidlala umlenze wesibili. Bayiqembu elihle elinabadlali abahle kakhulu.

“Sizobaqaphela kakhulu uma sebeza eNingizimu Afrika ngoba kusengenzeka noma yini,” kuphetha uNcikazi.

Akukho nokuncane ukuphumula kwiBucs njengoba izodlala umdlalo weDStv Premiership neBaroka FC ngoLwesine ntambama.

Ngemuva kwalokho izobeka imiqondo emlenzeni wesibili weConfederation Cup ngeSonto ngo-5.30 ntambama.

Ngemuva izobe isibuyela emidlalweni yeligi lapho izobhekana naMaZulu FC ngoDisemba 8.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.